UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, uxwayisa amaqembu akwi-Absa Premiership ngezingqinamba asazobhekana nazo ngemva kokuthi yena neqembu lakhe beyeke ithuba lokuvala igebe esicongweni, ngokubanjwa i-Orlando Pirates.
UMosimane uvumile ukuthi kube inhlanhla ngisho ukuthi athole iphuzu ngemuva kokubambana neBucs ngo 0-0 koweligi ngoLwesibili ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
Yize iSundowns ibisike yadlala neBidvest Wits ngoMgqibelo kwiNedbank Cup kodwa iPirates eyakhe amathuba angcono okuwina umdlalo, nabadlali bayo bebebukeka beyiqemane kunabeSundowns ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
“Siqale kahle impela kodwa bekusewumfutho wokuthi besidlalile ngempelasonto. Esiwombeni sesibili besisenkingeni ngoba yilapho bese kuqala khona kuvela izinkinga ezizoza nale ndlela entsha yokudlala (kaningi eduze nendlela yokuziziqesha iyinkinga kwiBio Bubble).
“Yebo isimo esibhekene naso sonke lesi kodwa kusemqoka ukuthi ngiwaxwayise amanye amaqembu ukuthi angalokothi abuswe umphumela, kumbe indlela yokudlala emdlalweni wokuqala ngoba kowesibili kulapho kuvela khona ukuthi lesimo esidlala ngaphansi kwaso asijwayelekile,” kusho uMosimane.
Uqhube wathi: “Akekho ongabonanga ukuthi iPirates ibingcono kunathi esiwombeni sesibili ngoba ibingakhandlekile (kwazise ibingadlali ngempelasonto). Besithwele kanzima impela nje. Lokhu kufanele kube isifundo nakwabasazolandela.
“Ngesikhathi sekhefu kunabadlali bami abese bengincenga ukuthi angibaphumuze ngoba imisipha isivutha, okuyinto engingayichaza ngokuthi ifike nalesi simo esidlala ngaphansi kwaso.
“Ngiyalamukela leli phuzu ngoba besibhekene neqembu elinzima ngendlela emangalisayo. Kusekude phambili!
“Ubani owaziyo mhlawumbe leli phuzu lanamuhla liyosiweza ekugcineni.”
Amaqembu ePremier Soccer League abuyele enkundleni ngemuva kwezinyanga ezine ibhola limile ngenxa yeCorona. Lokhu sekuphoqa ukuthi imidlalo icinane kuphuthunywa ukuthi kusongwe isizini ka-2019/2020. UMosimane uthe izinkinga zokudlala ngaphansi kwalolu hlelo zimphoqe ukuthi enze into angayijwayele ehlakaza isikimu asuke eqale ngaso.
“Inkinga yethu enkulu kulo mdlalo ibisesiswini. Laba abawuqalile umdlalo bekumele ngibaphumuze kwazise bebedlalile nangoMgqibelo. Laba engibafakile bengizama ukuvala ngabo ngoba bekucacile ukuthi iPirates iyageleza maphakathi nenkundla.
“Ngiyabazwela abasazobhekana nala maqembu esengidlale nawo. Anzima ngendlela emangalisayo ngakho imiphumela engiyithole kuyona yomibili le midlalo ngiyayamukela ngenhliziyo emhlophe,” kusho uMosimane.
Kusasa iSundowns izodlala neHighlands Park koweligi eDobsonville Stadium ngo-6 ebusuku.