UKHULE ebizwa ngenkomo umdlali wasemuva weLamontville Golden Arrows, uThabani Zuke, oqokelwe esikwatini seBafana Bafana esizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi owayempheka emazingeni aphansi, uLindani "Mantayi" Shezi, kwi-eThekwini Coastal edlala kwi-ABC Motsepe League.
UZuke (23) wajoyina iCoastal isadlala kwiLocal Football Association (LFA) yaseMbumbulu, ibizwa ngeManzimtoti Football Academy eneminyaka engu-16. Balinyusela kwiSAB League.
"Babembiza ngenkomo abanye abadlali, bengamboni njengomdlali ongaphumelela. Nami ngangibona ukuthi mkhulu umsebenzi okufanele ngiwenze kuyena. Ngagcina nginquma ukumqeqesha yedwa. Kwesinye isikhathi wayekhala izinyembezi, siphindele ekhaya singasakhulumisani," kusho uShezi.
"Kodwa ngangimtshela ukuthi akakhohlwe yilabo abambiza ngenkomo, asebenze kanzima. Izinkomo ziyaphumelela ngoba ziyalalela, zenze okushiwo ngumqeqeshi. Ukuba naye ubengenakho ukuphokophelela phambili ngabe wadikila, wayeka ngendlela okwakunzima ngayo. Bengihlala ngimgqugquzela ukuthi uzofika lapho efuna ukufika khona. Isifiso sami wukuthi ngaphambi kokufika eminyakeni engu-26, awelele phesheya kwezilwandle," kusho uShezi.
UZuke uqale ukudlala eqenjini elikhulu le-Arrows ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uMandla Ncikazi. Ngaphambi kwalokho uyibambe eqenjini leDStv Diski Challenge (DDC) kubona Abafana Bes'thende. Bawine iDDC neDiski Shield. Nokho akayena umafikozolo ebholeni lamazwe kwazise ubekade esesikwatini sakuleli esiwine iCosafa Cup ngo-2017 ngaphansi komqeqeshi uThabo Senong.
UZuke usehlalelwe wumsebenzi wokuthatha iso likaHugo Broos ekhempini yeBafana. Elakuleli lizobhekana ne-Ethiopia emidlalweni emibili elandelana eduze ezoba ngoMgqibelo ekuhambeni nango-Okthoba 12 eMzansi kuhlungelwa ukuya eQatar ngo-2022.
IBafana ihlezi phezulu eqoqweni uGroup G ngamaphuzu amane kulandela ukudlala ngokulingana neZimbabwe nokuwina kwiGhana.
"Ngikhulumile naye, ngamtshela ukuthi unalo ithuba lokudlala ngoba udlala njalo kwi-Arrows futhi uBroos ukholelwa kakhulu kubafana abancane kodwa ukubizwa kwiBafana kuphela akusho lutho, udinga ukudlala njalo khona. Kudingeka asebenze kanzima, alihloniphe ibhola. Lesi yisiqalo sezinto ezinhle kuyena. Manje sekusezandleni zakhe ukuthi alisebenzise ithuba," kusho uShezi.