Ezemidlalo Ibhola

UVilla akananxa nomqeqeshi weGalaxy

Zakhele Xaba|Published

USIBUSISO Vilakazi obengumdlali weTS Galaxy ugonyuluka ngokuhamba kwakhe kuleli qembu ahlukane nalo emasontweni edlule Isithombe: BACKPAGEPIX

OBENGUMDLALI weTS Galaxy, uSibusiso “Villa” Vilakazi, ubhoboka ngenkulumo yomqeqeshi waleli qembu, uSead Ramovic, esiqubule inkulumo-mpikiswano efaka nomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo kuleli, uPitso Mosimane.

UVilakazi uhlukane neGalaxy emasontweni adlule, esadlale imidlalo engu-10. Uyijoyine ekuqaleni kwesizini esuka kwiMamelodi Sundowns emuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe.

Ngesikhathi efika kwiRockets, bekunethemba lokuthi uzoyisiza ngesipiliyoni sakhe. KwiSundowns, uVilakazi uwine izicoco ezihlukene okukhona kuzona eseCaf Champions League ngo-2016, ngaphansi kobuholi bomqeqeshi bukaMosimane.

Ngesonto eledlule, uRamovic utshele abezindaba ukuthi uVilakazi uchithwe ngenxa yokuthi ubengazimiseli ejimini futhi engaziphathi ngezinga elifanele. Le nkulumo icike uMosimane ophendule uRamovic kwi-Twitter ngokuthi uVilakazi usebenze naye iminyaka eyisithupha, wathi ungomunye wabadlali abasebenza kanzima, owaqondayo amaqhinga futhi ongesabi ukubeka umbono wakhe.

UVilakazi utshele Isolezwe ukuthi umangele ngokushiwo uRamovic.

"Akukho akukhulume kimina mayelana nokuzimisela kwami nangendlela engenza ngayo izinto ngesikhathi ngisekhona eqenjini. Ngimangele uma sengibona ezindabeni ukuthi ukhulume kanje. Uma kuwukuthi yindlela leyo azizwa ngayo, ngiyaxolisa. Sivumelene kahle neqembu ukuthi sihlukane. Izinto azisebenzanga. Lokho kuyenzeka ebholeni. Le nto ayishoyo angiyiqondi ukuthi isukaphi. Ngishaqekile,“ kusho uVilakazi.

Lo mdlali owake waba yiPSL Footballer of the Season esayibamba kwiBidvest Wits ngesizini ka-2013/2014, uqhube wathi isifiso sakhe bekuwulekelela ekufukuleni iGalaxy kodwa “kwangahlangana.”

“Bengithi uzothi izinto azihlangananga uma ebuzwa imibuzo. Lokho kwamukelekile. Ngesikhathi ngingena emasangweni eGalaxy, bengifuna ukusiza iqembu liqhubekele phambili. Uma ngingavumela imizwa kuzoba sengathi ngimbambele inhliziyo. Ngeke ngikwenze lokho. Uma ebona ukuthi angimnikanga lokhu abekulindele kimina, ngiyaxolisa," kugcizelela uVilakazi.

Ngokusho kwakhe, inkinga iqale ngesikhathi kugula indodakazi yakhe nokwenze kwabanzima kuyena ukugxilisa umqondo wakhe emsebenzini.

"Ukugula kwengane yami kungiphazamise kakhulu. Kufike lapho besingasalali khona. Ubequleka, adlikize. Ebusuku le nto kade isimenza izikhawu ezingu-10 kuya kwezingu-14. Siphoqelekile ukumkhipha ngisho esikoleni. Lokhu kuqhubekile ngisho esesesibhedlela.

“Bengishayelwa ucingo ngisho ngisejimini, ngitshelwe ukuthi isimo sibi. Ngigcine ngicela iqembu linginike isikhathi sokunaka impilo yengane yami ngoba nami ukugula kwayo bekungiphazamisa kodwa ngiqhubeka nokuya emsebenzini. Umntwana wami ubengidinga ngaphezulu kwebhola," kusho uVilakazi.

"Ngibuyile ukuzoqhubeka eqenjini nakuba ebengakalulami ngaphambi kohambo lwaseTurkiye. NgoJanuwari, izinto ziqale ukuba ngcono. Yilapho nami ngiqale khona ukukwazi ukugxila ebholeni. Sidlale neSwallows, emuva kwalokho umqeqeshi wangitshela ukuthi ngingezi ejimini ngosuku olulandelayo.

“Yilapho engiqale khona ukujima neqembu leDStv Diski Challenge, ngilinde ukuthi ngizobizwa ngibuyele esikimini esikhulu kodwa akwenzekanga lokho. Ngenxa yezimo engibone zingangilungele kweleDiski, emuva kwesonto ngibuyele kumqeqeshi ngayokhuluma naye ngoba ngifuna ukusiza iqembu.

”Ngizehlisile, ngaxolisa kuyena nakubona bonke abantu obekungenzeka ukuthi ngibaphoxile noma ababona ukuthi angizinikeli. Kodwa umqeqeshi ungitshele ukuthi akangidingi ngenxa yendlela adlala ngayo namaqhinga awasebenzisayo, wathi angikhulume noTim (Sukazi). Ngivalelise kahle, saxhawulana. Yilapho-ke engihlukane khona neqembu."

UVilakazi usemkhankasweni wokuthungatha iqembu azodlala kulona. Uthe okwamanje alikho iqembu elisamthintile kodwa uziqeqesha yedwa ukuze ahlale esesimeni esihle.