ISITOBHA saMaZulu, uSibusiso Mabiliso, sibonge umengameli weqembu uSandile Zungu, nabaqeqeshi ngesikhathi sivalelisa emuva komdlalo wokugcina wesizini ka-2020/2021 ngempelasonto.
UMabiliso (22) oyibamba emuva kwesokunxele, kuvele imibiko ethi uzojoyina iKaizer Chiefs ngesizini entsha. Usayine Osuthwini ngo-2018 esuka kwiPlatinum Stars. Kulama sizini, uyilwele indawo yakhe emuva kwesokunxele ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Ngaphambi kokuqala kwesizini entsha, kulindeleke ukuthi uMabiliso ethulwe eNaturena nabanye abadlali abasha.
NgoMgqibelo ebusuku ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi useyashiya kuMaZulu.
"Namuhla ngithi nisale kahle kuwona wonke umuntu kuMaZulu emuva kweminyaka emithathu nesigamu ngiseqenjini. Ngiyabonga ngesikhathi sindawonye, sakhe izikhathi ezimnandi esiyozikhumbula futhi ngizizwe ngiyilungu lomndeni. Kumengameli uZungu, nakuzona zonke izisebenzi, ngiziziwa ngithobekile futhi ngiyabonga ngokunikezwa ithuba lokudlalela leli qembu. Ngiyohlala ngibonga ngakho konke ongenzele khona futhi leli qembu liyohlala linendawo ekhethekile enhliziyweni yami," kusho uMabiliso okhulele esandleni somqeqeshi uCavin Johnson.
"Kubaqeqeshi uBenni McCarthy, Vasili Manousakis, Siyabonga Nomvethe, Moeneeb Josephs ngiyabonga kakhulu ngokungisiza ngifinyelele ezingeni lami elifanele. Ningifundise okuningi, nadlulela nangikhombisa uthando nokunakekela. Ngiyibonga kakhulu imizamo yenu. Niyishintshile impilo yami ngendlela enhle. Ngibonga umndeni wami, abangani, ozakwethu nabalandeli abangikhombise uthando olukhulu. Nginethemba lokuthi nizoqhubeka nizuze izinto ezinkulu. Nginifisela konke okuhle."
Emasontweni adlule, uMabiliso ubhoboke kuleli phephandaba ngokuthi uphatheke kabi ngokushiywa ngaphandle esikwatini sika-Under 23, esiqeqeshwa nguDavid Notoane esizodlala kuma-Olympics ngenyanga ezayo. Nokho uthole indawo kwiBafana Bafana ephekwa nguHugo Broos.
KwiChiefs kulindeleke ukuthi abange indawo noSifiso Hlanti obedlala kwiSwallows kule sizini esongwayo. USiphosakhe Ntiyantiya noYogen Sasman, abadlala emuva kwesokunxele, kunezinkulumo zokuthi Bazokhonjwa indlela.
"Sengibheke ukuthi ikusasa lingiphatheleni nenselelo entsha engizobhekana nayo," kusho uMabiliso.