ISINQUMO sokuxosha umqeqeshi uBrandon Truter yisinyathelo sokugwema amathonsi abanzi.
Lokhu kushiwo ngusihlalo weNatal Rich Boyz, uSifiso “Jomo” Biyela, eqinisekisa ukugqabuka kwegoda phakathi kwabo noTruter ohluleke wancama ukuwina imidlalo kuleli qembu. UTruter ujoyine iBay ngo-Agasti emuva kokukhonjwa indlela kukaVusumuzi Vilakazi owayisindisa ezembeni ngesizini edlule.
Ngesikhathi efika kuleli qembu bekubhekwe ukuthi ashintshe izinto ukugwema okwenzeke ngedlule ngaphansi kukaVilakazi nokulibeka kwamanye aphezulu kwi-log yeBetway Premiership ekupheleni kwesizini ka-2024/2025. Nokho lokhu akwenzekanga kwazise iBay iwine kanye ngaphansi kobuholi bakhe.
UBiyela uthe ukwehluleka kukaTruter ukuletha ushintsho yikhona okwenze baqoka ukumkhulula.
“Sibe nomhlangano naye ngoLwesithathu. Akukho ebesingakwenza ngoba imiphumela ayibonakali. Asikwazi ukuzibeka engcupheni yokugawulwa yizembe. Sibone ukuthi sidinga ushintsho ebhentshini. Ibhola limayelana nemiphumela. Uma kungenzeki lokho kufanele sithathe izinyathelo. Ebesivumelene ngakho enkontilekeni ebincike ekutheni athole imiphumela, akakufezanga,” kusho uBiyela.
IBay yehlele endaweni ka-14 kwi-log yePremiership emuva kokushaywa yiKaizer Chiefs ngo 2-1 maphakathi nesonto ePolokwane. Ngaphansi kukaTruter ishaye amagoli amabili kuphela emidlalweni eyisishiyagalombili.
Namuhla ngo-3.30 ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, iBay izogadulisana naMaZulu emdlalweni wabakhaya. Ukukhonjwa indlela kukaTruter kungenzeka kubafake umfutho abadlali bayo kwazise uzovuleka kabusha umbango wejezi ngaphansi kwabaqeqeshi abazobamba okunguRonnie Gabriel, Siboniso “Jomo” Gumede noSibusiso Msomi ongumqeqeshi wesikimu seDStv Diski Challenge. Inselelo ebhekene nalaba baqeqeshi wukuqoqa amaphuzu azokwenza iqembu lisuke endaweni eyingozi kwi-log yePremiership.