UMQEQESHI weSwallows, uBrandon Truter, osanda kubuyiswa ekhefini abenikwe lona ngenxa yokwehluleka wukuthola imiphumela emihle, uthembisa abalandeli ukuthi bazobona iZinyoni ezintsha ceke uma sebebhekene neStellenbosch, koweDStv Premiership ngempelasonto.
Lo mdlalo ungeSonto ngo-3.30 ntambama, eDobsonville Stadium. Kuzoba ngowokuqala selokhu uTruter ebuyile ebhentshini leSwallows ngemuva kwekhefu. Wamiswa ngemuva kokubhaxabulwa yiSuperSport United ngo-3-0 koweligi. Kowandulela lo, babedliwe yi-Orlando Pirates.
Izintambo zibe sezinikwa iphini lakhe, uSimo Dladla, naye ohlulekile wukuguqula imiphumela. Ngaphansi kukaDladla iSwallows idlale ngokulingana neCape City koweligi, yababhaxabula ngo 4-0 kowandulela owamanqamu weMTN8, bahlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-0 kwiligi.
"Selokhu ngibuyile ziningi izinto esizame ukuzilungisa. Sisizwe nayileli khefu leFifa lamasonto amabili. Abantu bazobona ukunikana kwamabhola nokunyakaza kwethu enkundleni okuhlukile. Kuzobonakala iSwallows entsha emdlalweni weStellenbosch,“ kusho uTruter.
Kuvele ukuthi izikhulu zeSwallows zikhuluma noGordon Igesund no-Owen Da Gama. Emidlalweni eyisithupha iZinyoni zisashaye igoli elilodwa vo. Zidlale ngokulingana kwemithathu, zahlulwa kwemithathu.
"Eyokushaya nokungenelwa amagoli siyinike isikhathi eside. Kuyasiphoqa ukuqhamuka namaqhinga amasha. Kuzoba nezinguquko ezimbalwa phambili. Okuseqhulwini njengamanje ukuvala ukuvuza emuva. Akukuhle ukuthi emidlalweni yasekhaya singenelwe amagoli amane. Okunye kuzoba ukushaya amagoli. Ngiyakholelwa ekutheni bazowenza umsebenzi abadlali abanjengoKakgiso Malinga, Ruzaigh Gamildien nabanye. Yiko futhi silande nabagadli abafana noMwape Musonda. Siyibhekile futhi nayabadlali abaphakela amafolosi. Bakhona abanjengoJunaid Sait, Wambi, Yagan (Sasman),“ kuqhuba uTruter.
Mayelana nomdlalo weStellenbosch, uTruter uthe: "Kuzoba umdlalo onzima ngenxa yesimo esiphuma kuso. IStellenbosch iyiqembu eliyingozi. Lokhu kufakazelwa ukuthi kayikashaywa selokhu kuqale isizini. Okubalulekile njengamanje ukulungisa imiqondo yabadlali ukuze bezobuyelwa ukuzethemba.“
Kwisizini ka-2019/20, uTruter wanyusela iSwallows esigabeni esikhulu. Kwedlule iqede endaweni yesine phezu kokuba beyingomakoti kwiDStv Premiership.