Ezemidlalo Ibhola

UTito uweze iPirates kowabakhaya baseSoweto

Published

URELEBOHILE Mofokeng uwinele i-Orlando Pirates iphenathi umdlalo usuyophela ngesikhathi inqoba iKaizer Chiefs ngo 1-0 koweBetway Premiership eFNB Stadium Isithombe: BACKPAGEPIX

Orlando Pirates (0) 1

Kaizer Chiefs (0) 0

XOLILE MPISANE

KUSEBENZE iphenathi emzuzwini wokugcina i-Orlando Pirates iguqisa iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ntambama.

Le phenathi ivalelwe phakathi nguPatrick Maswanganyi ngesikhathi esengezwe ngunompempe.

Lo mdlalo ubusemqoka kuwona womabili lawa maqembu alandelwa yizinkumbi zabalandeli kuleli ngenxa yezidingo zawo ezehlukene.

Amatata asheshe abonakala ngomzuzu wesithathu ngesikhathi uThabiso Sesane ezama ukususa ibhola emuva kodwa waliqondisa kuRanga Chivaviro.

Ibhola liwele kuPule Mmodi, oshiye uNkosinathi Sibisi, kodwa walibala ukukhahlela, unozinti uSipho Chaine waphuma walivimba ngesandla.

Womabili amaqembu abehluleka ukugcina ibhola isikhathi eside esiwombeni sokuqala, ezama ukudlala amabhola amade, nokwenze onozinti baphenduka izibukeli.

UTshegofatso Mabasa naye umoshe ithuba elihle lokubeka iqembu lakhe phambili ngomzuzu ka-38, oshaye ishodi elibheke eceleni esebhekene nepali.

Isiwombe sesibili siqale ngomfutho ongcono, womabili amaqembu ekhombisa ukufuna igoli. UMmodi uzame inhlanhla ekude ngomzuzu ka-52', kodwa waliqondosa kuChaine.

UMabasa uphinde wathola amathuba amabili amahle ngomzuzu ka-52 noka-56, kodwa wahluleka ukuwabeka enethini.

Umfutho uphinde wehla kulandela ukulimala kukanozinti weChiefs, uBruce Bvuma, odlaliswe kabi UMabasa, kodwa wakwazi ukuqhubeka.

UBvuma usebenzile ngomzuzu ka-82 evimba ibhola ebeliqhamuka uDeon Hotto. Kwikhona eqhamuke lapho u-Evidence Makgopa ulibeke eceleni ngekhanda.

Kuthe umdlalo usuyophela unompempe walikhomba emlotheni kulandela ukudlaliswa kabi kukaRelebohile Mofokeng nguNjabulo Blom esebhokisini.

UMaswanganyi ukhombise isibindi elibeka enethini ngobunyonico, ezikaMagebhula zemuka nawo womathathu amaphuzu.

Lo mphumela ushiye amaBhakabhaka endaweni yesibili ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-12.

Amakhosi asahleli endaweni yesihlanu ngamaohuzu angu-21 emidlalweni engu-15.