ULINDELE iKaizer Chiefs eyehlukile umqeqeshi weMaritzburg United u-Eric Tinkler lapho la maqembu esehlangana kwi-quarterfinal yomqhudelwano iMTN 8.
Lo mdlalo ungeSonto ngo-3 ntambama, eFNB Stadium, eNasrec eGoli. Ziya kuwona la maqembu egcina ukuhlangana emdlalweni womkhumulajezi, lavuza ikhanda kwiChiefs. Badlale nyakenye kwiTelkom Knockout (TKO), kowandulela amanqamu.
I-Team Of Choice yawunqoba ngo 2-1, ngamagoli kaJudas Moseamedi. Kube ngesifanayo begcina ukudlala kwiDStv Premiership (ebeyibizwa nge-Absa Premiership), ezikaTinkler zinqoba ngomphumela ofanayo.
Abalandeli baMakhosi basazikhotha amanxeba ngemuva kokuphunyukwa yisicoco seligi ngemizuzu yokugcina, besihlwithwa iMamelodi Sundowns.
Lokhu bekusho ukuthi leli qembu elithathwa njengelinye lamakhulu kuleli, lingena kwisizini yesithupha ngaphandle kokunqoba isicoco.
Yize kunjalo, kukhona osekushintshile kulo. Seliqashe uGavin Hunt njengomqeqeshi walo omusha. Ulekelelwa nguDillon Sheppard no-Arthur “10111” Zwane njengamaphini. Ngalesi sizathu, uTinkler uthe ulindele indlela eyehlukile yokudlala kwiChiefs, ngeke kusafana nangesizini edlule.
“Kuzoba umdlalo owehluke kakhulu kunalokho esakubona kubona sidlala eNelspruit kwiTKO. Sekunomqeqeshi omusha manje uHunt, ibhola lakhe nelika-Ernst Middendorp kalifani neze ngakho akufanele nakancane senze iphutha lokuqhathanisa iChiefs yangesizini edlule, nezodlala kule sizini. Siyazi kodwa ukuthi isikwati sabo kasishintshile ngoba abavumelekile ukusayinisa abadlali,” kusho uTinkler.
Noma uTinkler elubona ushintsho oluzoza nomqeqeshi imusha kuMakhosi kodwa uthe kusekhona okufanayo okumbalwa phakathi kukaHunt noMiddendorp.
“Sibonile ngesizini edlule ukuthi iChiefs ibidla kakhulu ngamabhola abekwe phansi (set piece). Nebhola likaHunt licishe libe njalo, ngakho isazoqhubeka iChiefs nokuba yingozi enkulu emabholeni abekwe phansi.
"Inkinga enkulu ngoHunt wukuthi awazi ukuthi yini ongayilindela. Ngingathi nje ngokomzimba, nangokwamaqhinga sikulungele ukubhekana nabo. Angazi kodwa ukuthi ngokwesimo somqondo sikulungele yini ukudlala nabo,” kusho uTinkler.
Imidlalo yeMTN 8 ngempelasonto:
NgoMgqibelo: Tshakuma FC v SuperSport United (3pm, Thohoyandou Stadium), Orlando Pirates v Cape Town City (6pm, Orlando Stadium).
NgeSonto: Kaizer Chiefs v Maritzburg United (3pm, FNB Stadium), Mamelodi Sundowns v Bloemfontein Celtic (6pm, Lucas Masterpieces Moripe Stadium).