UKAITANO Tembo, ongumqeqeshi weSuperSport United, ubadinga bephelele abadlali bakhe uma sebebhekene ne-Orlando Pirates.
ISuperSport izokwamukela iPirates emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama. Amatsatsantsa a Pitori, asendaweni yesibili kwi-log ngemuva kweMamelodi Sundowns, aphunyukwe yithuba lokuvala igebe lamaphuzu ngesikhathi edlala ngokulingana ngo 1-1 neKaizer Chiefs ngempelasonto eFNB Stadium. Ezinye zezinto eziyiphazamisayo wukulinyalelwa ngabadlali abamqoka. KowePirates kungenzeka kubuye uTebogo Mokoena ukulimala kwakhe okushiye isikhala esikhulu esiswini saleli qembu. Abanye abebekade belimele, okukhona kubona uGuily Manziba, Inqraam Rayners sebebuyile.
"Lona ngomunye umdlalo onzima, sizobhekana neqembu elinzima. Iqembu elenza kahle kakhulu futhi kuhlala kungelula ukudlala nalo. Kuhlala kuzobanzima ukudlala namaqembu anzima elandelana. Kulokhu kufanele baphelele bonke abadlali ngoba ngibonile ukuthi bakhathalile usuyophela umdlalo. Kufanele siqhubeke nokulwa," kusho uTembo.
ISuperSport yilona iqembu okwamanje okubukeka lizozama ukuphefumula entanyeni kwiSundowns elokhu iqhubekile nokucosha amaphuzu.
UTembo nezakhe uma benqoba kwiPirates, banethuba lokwenza iSundowns ibuyele enkundleni isihamba phambili ngephuzu nakuba bezobe behamba phambili ngemidlalo emibili. Nokho indlela abadlale ngayo koweChiefs ishiye uTembo enganeme.
"Esiwombeni sokuqala sishaye udaka, ayikho into esiyidlalile. Kade befika kuqala kunathi ebholeni, ewela kubona wonke amabhola uma siwakhipha futhi ibhola beligcina ngaphezu kwethu. Ibhola lisiphunyuka kalula yikho obekwenza sihluleke wukuliqala emuva," kusho uTembo.
"Kodwa esiwombeni sesibili sibengcono kakhulu ngesikhathi sesifake uThamsanqa Gabuza. Ufake ingcindezi odongeni lwabo lwasemuva, wenza sakwazi ukudlala nabadlali basesiswini bakwazi ukujoyina. UKuda (Mahashe) udlale kahle kakhulu ngoba ubelokhu emphendula (Siyabonga) uNgezanga egoba amabhola. Kodwa asidlalanga kahle. Ngikhetha isiwombe sesibili kunesokuqala."