Ezemidlalo Ibhola

UTau udalula umholo angawulindela kwiChiefs

Zakhele Xaba|Published

UMGADLI weBafana Bafana, uPercy Tau, udalule isizumbulu somholo angafisa ukusihola kwiKaizer Chiefs uma imsayinisa.

UTau (31) akanalo iqembu okwamanje kulandela ukuhlukana kwakhe neQatar SC yaseQatar engayivuselelanga inkontileka yakhe ayisayine ngoJanuwari emuva kokushiya i-Al Ahly yase-Egypt. Selokhu ebuyile eMzansi emasontweni adlule lo mdlali owayegijima kwiMamelodi Sundowns, umataniswa namaqembu ahlukene okubalwa kuwona nawo AmaBrazilians, Chiefs ne-Orlando Pirates.

NgoLwesithathu ohlelweni lomsakazo i-94.7 ekhuluma noRobert Marawa, uTau uthe uvule izandla ngokusayina kwiChiefs nokuphindela kwiSundowns uma isamfuna ngoba yena uyayithanda.

"NginguKaizer, ngiseNaturena ngibeka etafuleni u-R450 000 ngenyanga. Uyawemukela," kubuza uMarawa kuTau.

UTau ugxume wahlala, wabuza. "Iminyaka emingakhi?"

"Iminyaka emibili enombandela wokuvuselela,"kusho uMarawa.

"Kuqonde konke,"kuvumela phezulu uTau eqinisekisa ukuthi engasayina.

UTau ukugcizelele ukuthi usazolalela noma yiliphi iqembu elizokhuluma naye futhi ngeke afune itshe lemali.

"Uma kwenzeka (ukufunwa yiKaizer Chiefs) ngizokubhekisisa. Kodwa asekhona amanye amaqembu kwiPSL. Ngadlalela iSundowns, ngakho angikwazi ukungayibali. Yiqembu engalidlalela, ngawina futhi nginothando olukhulu lwalo nabalandeli. Uma iSundowns inganginiki inkontileka, iChiefs inginika, ngeke kube yiphutha lami kodwa kuyona ngelayo ukuthi ngihambile ngayojoyina iChiefs,"kusho uTau.

UTau uphendule nezinkulumo zokuthi uyabiza

"Abantu bengakusho lokho kodwa manje ngoba ngilapha, ngingazikhulumela. Ngiyacabangelana, ngakho njalo uma ngikhuluma ezenkontileka, ngeke ngikucele engazi kahle ukuthi ngeke ngibekelwe khona etafuleni,"usho kanje.