UVITALITY Mykolenko weDynamo ebanga ibhola noPercy Muzi Tau weBrugge emdlalweni we-UEFA Champions League eKiev, e-Ukraine, ngenyanga edlule Isithombe: BACKPAGEPIX
AKUPHELE sikhathi esingakanani isilomo seBafana Bafana, uPercy Tau, sizibeke ethubeni lokushikilisana neReal Madrid yaseSpain neParis Sain Germain (PSG) yaseFrance kwi-Uefa Champions League, njengoba esefakwe ohlwini lwabadlali okuzoqokwa kubona umdlali wenyanga kwiligi enkulu yaseBelgium.

Indlela aqale ngayo kwiClub Brugge, uTau isimfake wathi ezinhliziyweni zabalandeli baleli qembu ekubeni engakaqedi ngisho izinyanga ezintathu efikile kulona ngokubolekiswa esuka kwiBrighton and Hove Albion yase-England.

Kusukela efikile esuka kwiRoyale Union Saint Gilloise edlala esigabeni esingaphansi kwesikhulu, useshaye amagoli amabili wase akhela uzakwabo elilodwa.

UTau (26) ubekuleli ngeledlule lapho ebezomela khona iBafana, nakho-ke umdlalo weZambia usuyekwa ngoba kusatshelwa isimo esikhungethe iNingizimu Afrika nabokufika ezweni. Kwale noma iSafa isishaya indesheni kwiMadagascar kwangalunga. Kuqale kwavunyelwana kwaze kwamenyezelwa neMadagascar ngokuthi lo mdlalo obekuzoba owokuqala kuMolefi Ntseki uyaqhubeka kodwa wabuye wabhuntsha selihoxa leli qembu lesizwe ebelincengiwe.

Ebuyela eBelgium ufike wazithela phezu kwezindaba ezimnandi ngokuqokwa kwakhe kulolu luhla okuzokhethwa kulona umdlali wenyanga. Uqhathwe noHans Vanaken, David Okereke, Ruud Vormer noSimon Deli bonke abangozakwabo kwiBrugge.

Umdlali ozoqokwa lapha uzobe evotelwe abalandeli, ngakho-ke ngeke kwathusa uma uTau engagoduka nalo mklomelo kwazise ufike wazifaka ezinhliziyweni zabalandeli beBrugge. Uqokwe njengomdlali wonyaka esigabeni esiphansi nyakenye ngesikhathi esadlalela iSaint Gilloise.

Abathandi bebhola abasakwazi ukulinda ukubona lo mdlali egadulisana noSergio Ramos no-Eden Hazard kwiReal noNeymar beno-Edinson Cavani kwiPSG emasontweni azayo.