XOLILE MPISANE
UMQEQESHI waMaZulu, uBenni McCarthy, nabasizi bakhe, uMoeeneb Josephs noSiyabonga Nomvethe, babekelwe uhambo olubheke e-Orlando Stadium njengoba bekuqhathwa amaqembu azobhekana kwiNedbank Cup.
USuthu luqhathwe ne-Orlando Pirates emcimbini obuseSandton, eGoli, ngoLwesithathu ntambama, okusho ukuthi laba baqeqeshi bazobhekana neqembu abake bagijima kulona.
Angu-32 amaqembu abefakwe endishini, angu-16 adlala kwiDStv Premiership, ayisishiyagalombili eGladAfrica Championship anqobe kweyokuhlungela kanye namanye ayisishiyagalombili aphuma emaligini angaphansi eSafa.
Ukungahlukaniswa kwawo ngezigaba yikona okwenze amaqembu amakhulu agcine eseqondana ngqo zibekwa amadaka.
AmaZulu adliwa kowamanqamu kwiNedbank Cup ngo-2010, kanti eziMnyama zayiphakamisa le ndebe ngo-2011 nango-2014.
IMaritzburg United izoqala ekhaya neSuperSport United, okuyiqembu eseliwunqobe kathathu lo mqhudelwano, ngo-2012, 2016 nango-2017.
IRoyal AM nayo inomdlalo onzima ekhaya lapho izobhekana khona neCape Town City, esizakhele idumela lokwenza kahle emiqhudelwaneni yomkhumulajezi.
Omunye umdlalo ozobe ubhekwe ngabomvu uzobe uphakathi kwe-Kaizer Chiefs neTS Galaxy. Lawa maqembu ahlangana kowamanqamu kulo mqhudelwano ngo-2019, kwanqoba iGalaxy ngo-1-0.
Ompetha, iTshakhuma Tsha Madzivhandila, bazoqala ukuvikela isicoco ekhaya bebhekene neLamontville Golden Arrows.
ITshakhuma iyithathe okokuqala iNedbank Cup eFree State Stadium, ngoMeyi nyakenye, iguqisa iChippa United ngo-1-0 ngegoli likaNdabayithethwa Ndlondlo.
IMamelodi Sundowns, esabheke ukuqoqa zonke izicoco kule sizini ngemuva kokuthatha ese-MTN 8, izoqala ekuhambeni neRichards Bay FC.
Imidlalo ephelele yeNedbank Cup:
NC Professionals v Mathaithai FC, Royal AM v Cape Town City, Venda Football Academy v African All Stars, Maritzburg United v SuperSport United, University of Pretoria v Chippa United, Platinum City Rovers v Sekhukhune United, Stellenbosch FC v Baroka FC, Swallows FC v TS Sporting, Tshakhuma Tsha Madzivhandila v Lamontville Golden Arrows, Kaizer Chiefs v TS Galaxy, Sinenkani FC v Free State Stars, Richards Bay FC v Mamelodi Sundowns, Marumo Gallants v Santos FC, Orlando Pirates v AmaZulu, Uthongathi FC v Summerfield Dynamos, Black Eagles v Sivutsa FC