AMAZULU anesifiso sokumgcina unomphela umdlali wasemuva, u-Anele Ngcongca, amboleke kwiMamelodi Sundowns.
USuthu neSundowns bavumelane izolo ngokubolekana uNgcongca oyibamba emuva kwesokudla.
Maphakathi nesizini edlule uNgcongca uvuselele inkontileka yakhe ngonyaka kwiSindowns nombandela wokuyelula.
Emuva kwalokho kuvele izindaba zokuthi usesayine nelinye iqembu laseBelgium kodwa abaphathi bakhe bakuchitha lokho.
Ekupheleni kwesizini ka-2020/2021, iSundowns izonquma ukuthi iyawusebenzisa yini umbandela wokuvuselela inkontileka kaNgcongca.
Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, uthe bazombanga uNgcongca uma edlale kahle kubo.
UNgcongca uzobanga indawo noThembela Sikhakhane noMbongeni “Shoes” Gumede.
“Sijabule kakhulu ukuthola uNgcongca. Ufika namava eqenjini nomuzwa wokuwina izindebe.
“Kumnandi ukuba nabantu abanjalo ngoba lokho bakudlulisela kubadlali abasebancane eqenjini.
“Njengoba simbolekile nje, sizimisele ukulwela ukumsayinisa ngokugcwele ekupheleni kwesizini uma edlale kahle. Sifuna ziqine zonke izindawo eqenjini,” kusho uZungu.
“Okuhle ngaye wukuthi usenezinto afuna ukuzizuza ebholeni. Usafuna ukuphindela eBelgium.
“Ngakho akezile ukuzothatha umhlalaphansi oSuthwini. Usafuna ukuzodlala ukuze abonwe ngamanye amaqembu. Lokho kuzosisebenzela kakhulu.
“Ngaphezu kwalokho ungomunye wabadlali ababuya phesheya njengoShaba (Siphiwe Tshabalala) noMasilela (Tshepo). Lokhu kuzobakhuthaza abadlali abasebancane.”
Nakuba uZungu engathandanga ukuyikhulumela eziko kodwa, leli phephandaba like labika ukuthi Usuthu lufuna ukuboleka nomgadli uPhakamani” Mshini” Mahlambi kwiSundowns.
AmaZulu asevele aqinise iqembu ngabadlali okukhona kubona u-Augustin Mulenga, Luvuyo Memela, Siphelele Mthembu nabanye.
Sekubonakale izinguquko eziningi selokhu kuthathe uZungu kuMaZulu, eziqinisa idolo kubalandeli ngokubuya kwezinsuku zenjabulo.
“Sinabafana esingawina ngabo izicoco. Ukuqeda endaweni yesine kwi-log engathi ngifuna siqede kuyo kwangathi ngiyaphupha, kungenzeka.
“Osekudingeka manje wukuthi lihlangane iqembu, silwe. Ngiphethe iqembu elizobuyisa isithunzi soSuthu,” kusho uZungu.
AmaZulu, aqeqeshwa ngu-Ayanda Dlamini, asawine kanye, adlala ngokulingana, ahlulwa komunye umdlalo kwiDStv Premiership.
Emdlalweni olandelayo azovakashela iSundowns koweligi eLoftus Versfeld, ePitoli, ngeSonto ngo-3 ntambama.