UMENGAMELI weTS Galaxy, uTim Sukazi, uthi abaxabene noDan Malesela amxoshile kodwa isimo ebesiphoqa ukuthi ambuyisele eceleni. Lokhu bekusho ukuqhubeka nokugadla kwezembe kubaqeqeshi kwiPremier Soccer League (PSL).
IGalaxy ikhiphe isitatimende ngeSonto ebusuku iqinisekisa ukuthi seyihlukene noMalesela obefike ekuqaleni kwesizini.
Kwenzeka lokhu nje, sekuphele imidlalo emihlanu iGalaxy inganqobi kwiDStv Premiership, yize iqale kahle ngokungadliwa emidlalweni emithathu yokuvula.
Ngempelasonto ezikaSukazi zehlulwe iCape Town City ngo 3-2, nokubukeka sengathi kumnengile wathatha isinqumo sokuxosha uMalesela.
Kumanje leli qembu lisendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa, emidlalweni eyisishiyagalombili.
"Sikhethe ukuthi sibuqede ubudlelwano bethu bokusebenza nomqeqeshi uMalesela. Bekuyisinqumo esinzima kakhulu lesi ukusithatha kodwa ngenxa yokuthi abaqeqeshi behlulelwa ngemiphumela sigcine sifinyelele lapha. Kasixabene noMalesela, sivumelene kahle naye washiya. Uzokhumbula ukuthi unomlando ongeke ucishwe muntu kuleli qembu uMalesela, ngakho ukwehlukana kwethu bekungemnandi neze," kulandisa uSukazi.
UMalesela ufake iGalaxy emabhukwini omlando kumasizini amabili edlule, enqoba isicoco seNedbank Cup, iqembu lisadlala kwiGladAfrica Championship. Kowamanqamu babhekana neKaizer Chiefs okuyiqembu elizihola phambili kuleli ngokuwola izicoco, balishaya ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium.
"UZipho Dlangalala uzoqhubeka nokubamba okwesikhashana sisafuna umqeqeshi. Siyamhlonipha kakhulu uDlangalala ungumqeqeshi onekhono eliyisimanga. Sibheke unyaka ozayo ukwenza izinguquko," kusho uSukazi.
UMalesela usezakhele igama ngokudlala ibhola elihle, eliqalwa emuva. Izitha eziningi ezibhekana noMalesela ziyabalisa ngokuthi iqembu lakhe lijwayele ukugcina ibhola, nokwenza kube lukhuni satshe ukudlala nabo. Omunye umqeqeshi ophelelwe umsebenzi kusukela kuqale isizini, u-Ayanda Dlamini indawo yakhe esithathwe uBenni McCarthy kuMaZulu FC.
UDylan Kerr ungumqeqeshi wesibili ukupheka iBlack Leopards kule sizini ngemuva kokuthi leli qembu lixoshe uPatrick Aussems. UMalesela ubepheka iGalaxy ngesizini edlule kwiGladAfrica kodwa wangayiqeda isizini eshenxiswa ngoba ingatholakali imiphumela emihle. Ubuyisiwe iqembu lithenga isitifiketi sokudlala kwiPremiership kwiHighlands Park njengoba esekhonjwa indlela.