ISILOMO seKaizer Chiefs, uKhama Billiat, okuvela ukuthi sithintekile ngesikhathi bebhekene neCape Town City emdlalweni wokugcina weligi Isithombe: BACKPAGEPIX
IPHENDUKE usizi injabulo yabalandeli beKaizer Chiefs ngemuva kokuthi leli qembu ligoloze ngempumelelo ukudedela uKhama Billiat obefunwa uthuli iqembu lakhe lakudala, iMamelodi Sundowns, kodwa lamemezela ukuthi ulimele futhi alazi ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani engalithinti ibhola.

Lokhu kwenzeke kabi ngesikhathi iChiefs ibadinga bonke abadlali bayo njengoba iqhwakele kwi-Absa Premiership. IChiefs ikhiphe isitatimende iqinisekisa futhi kubalandeli ngoMsombuluko ukuthi uBilliat obehehwa ngezindodla zemali ngeke ashiye eNaturena. UBilliat ubuye kwiChiefs ngasekupheleni kwenyanga edlule emuva kokuthinteka kwakhe okumenze wangayiqala nabanye isizini ka-2019/2020.

Emdlalweni weligi abuye kuwona lapho iChiefs igile khona izimanga, ibuya seliyoshona yanqoba ngo 2-1 kwiCape Town City, uBilliat ushayeke kabi ethanjeni lenqulu. Nakuba isitatimende seChiefs singakucacisi ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani uBilliat kodwa kufanele ukuthi ngeke kwehle kahle lokhu kubalandeli nabo abebesempini bezama ngakho konke ukuvimba ukuthi uBilliat angabuyeli kuPitso Mosimane obemfuna uthuli.

“Umdlalo wethu esiwunqobe ngo 2-1 kwiCape Town City uze nomphumela oncomekayo. Kodwa ngawo silahlekelwe uKhama Billiat oshayeke kabi ethanjeni lakhe lenqulu ngakwesokudla. Usehloliwe ngayo yonke imishini ukubona umonakalo kodwa okwamanje asikwazi ukusho ukuthi uzoze abonakale nini,” sisho kanje isitatimende seChiefs.

Umbuzo omkhulu othi njengoba iZimbabwe idlala owokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezokuba seQatar ngo-2020 neSomalia ekuhambeni kusasa, lo mgadli uzobe ekhona yini ngoba ubebizelwe esikwatini esiya kulo mdlalo.

Ngaphandle kukaBilliat, iChiefs iphinde yaphawula ngabanye abadlali ababili abangabonakali kulezi zinsuku ngenxa yakho belu ukulimala.

“Ngaphandle kukaBilliat, uRamahlwe Mphahlele noNkosingiphile Ngcobo basaqhubeka nokululamela eceleni njengoba sekusondele ukuthi babuye baziqeqeshe nabanye ngokugcwele. Useqalile ukugijima yedwa uMphahlele kanti kusekujana ukuthi abuye uNgcobo ohlephuke umsipha ohlanganisa isihluzi nesithende ngesizini edlule.”

Ezimnandi lapha ukuthi uma iChiefs ivumelana neqembu lesizwe laseZimbabwe, izoba nesikhathi esanele ukuqinisekisa ukuthi uBilliat uselunge ngokuphelele uma sebebuyela emidlalweni yeligi nePolokwane City ngoSepthemba 14, eFNB Stadium.