AKALIBAMBILE igqubu umdlali omusha weKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe, ngemuva kokuthi umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, emphendule isibukeli emuva kokusayina inkontileka yesibambiso naMakhosi maphakathi nesizini edlule.
USuthu ludlale ingxenye yesizini ka-2021/2022 ngaphandle kukaSithebe obekade eyisethenjwa somqeqeshi, uBenni McCarthy, naye ogcine ngokuxoshwa.
Lokhu kulandela ukudingiswa nguZung, ngemuva kokwenqaba ukuvuselela inkontileka naMaZulu, waqoma iChiefs.
USithebe uthe kumkhinyabezile ukubekwa ngaphandle.
"Bengiyidlala yonke imidlalo. Ngemuva kokuthi sekuphume isinqumo sokuthi ngeke ngisadlala, ngikhinyabezekile. Ngiyajabula ukuthi bengingalimele. Ngake ngahlala isikhathi eside phambilini. Ngahlala izinyanga eziyisithupha ngilimele. Manje ngiqala isizini entsha neqembu elisha. Ngicabanga ukuthi ngikulungele ukuba kuleli qembu," kusho uSithebe waseNewcastle kwabezindaba ngesikhathi iChiefs inomcimbi wokuhlangana nabalandeli bayo eFNB Stadium ngempelasonto edlule.
Uqhube wathi bekubuhlungu kuyena ukubona iqembu lidonsa kanzima.
"Bebengivumela ngiziqeqeshe neqembu. Bebedlala kwiCaf (Champions League) futhi bedonsa kanzima nangokulinyalelwa ngabadlali. Bengibona ukuthi indawo yami iyabonakala. Lokho kungikhinyabezile kwazise bengibona ukuthi kufanele ngabe ngiyadlala. Lokho bekunzima kakhulu kimina," kusho uSithebe.
"Phakathi kwami nosihlalo waMaZulu, angicabangi ukuthi kukhona ubutha. Ngezwa emaphepheni ukuthi ngeke ngiphinde ngidlale. Akakushongo kimina. Ngakuqonda lokho. Ngisho umqeqeshi uzamile ukungilwela kodwa kwasho ukuthi isinqumo sinjalo. Angicabangi ukuthi kukhona ubutha obukhona."
Kusasa ngo-5.30 ntambama uSithebe kulindeleke ukuthi adlale okokuqala phambi kwabalandeli baKwaZulu-Natal uma iChiefs isibhekene neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium. Ubalwa nabadlali abasha beChiefs okubhekwe ukuthi babuyise izinsuku zenjabulo eNaturena.
"Leli yiqembu elikhulu. Singabadlali sinezifiso ngesifuna ukukuzuza. Ngicabanga ukuthi kuleli qembu singaziwina izindebe. Umdlalo wokuqala wesizini kufanele siwuwine, sigcine izinga liphezulu," kusho uSithebe.
"Abantu baseKZN kade bengeseka. Lapho engikhona ngifike ngenxa yabo. Kade bengigqugquzela kakhulu. Ukuya eKZN kuzongifaka umdlandla kakhulu ngoba ngiyazi ukuthi abantu bayangithanda. Kufanele ngidlale ngendlela engiyijwayele, ngingazifakeli ingcindezi."