ISETHENJWA seMamelodi Sundowns, uGaston Sirino, sesizimisele ukulwela ijezi kuleli qembu kulandela ukunqamuka kwezingxoxo zokudayisa lo mdlali phakathi kwaleli qembu ne-Al Ahly yase-Egypt.
Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi emuva kokuthi ezakhe ziguqise i-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto edlule. Kulo mdlalo uSirino ubengabonwa nangokhalo. Empeleni lesi siklwibhisi sase-Uruguay asikaze sidlale nowodwa umdlalo weligi kwiSundowns kule sizini.
Kuvele ukuthi asisafuni ukudlala kuleli qembu kodwa sesifuna ukulandela uPitso Mosimane kwi-Ahly. Nokho la maqembu agcine engavumelananga ngemali, uSirino wayalelwa ukuthi agxile kwiSundowns.
"Ngesinye isikhathi umqondo wakhe kade ungekho lapha. Manje usebuyile uyaziqeqesha futhi ukhombisa izimpawu zokuthi ufuna ukulwela indawo yakhe eqenjini. Uyabona ukuthi iqembu liqhubekela phambili ngaphandle kwakhe futhi kulula kwiSundowns ukuthi imkhohlwe. Ngakho ubuyile, uyazinikela futhi usebenza kanzima. Sinethemba lokuthi sizombona (enkundleni) kungekudala," kusho uMngqithi.
"Kube yishwa nje ukuthi ngenxa yezinkinga ezithinta ezempilo akakwazanga ukudlala kulo mdlalo. Kodwa sinethemba lokuthi emidlalweni embalwa ezayo uzobe eseqatha ngokufanele alwele indawo yakhe esikimini. Ngeke kube lula ukuthi azingenele ngoba abafana abaphakathi kumanje benza konke okusemandleni. Kodwa siyawazi amagalelo akhe. Uma ebuya uzoliqinisa kakhulu iqembu okuyinto ebalulekile uma uyiqembu elifana neSundowns. "
Ngaphandle kukaSirino obengekho, iSundowns iqhubekile nokuwina zingekho nezinye izethenjwa, uThemba Zwane osehamba phambili ngamagoli kule sizini, Hlompho Kekana, Sibusiso Vilakazi nabanye abebehlala besesikimini sikaMosimane. Ngaphansi kukaMngqithi, Rhulani Mokwena no Steve Komphela abangabaqeqeshi, itshe seligaya ngomunye umhlathi. Isikimu sesishintshe kakhulu.
"Bekubaluleke kakhulu kithina
...
[Message clipped] View entire message