UMGADLI weHighlands Park uPeter Shalulile, egadulisana nomdlali weqembu elimfunayo iMamelodi Sundowns uTehogo Langerman emdlalweni wesigaba esandulela esilandela esamanqamu koweNedbank Cup
UMGADLI weHighlands Park uPeter Shalulile, okuthiwa iqembu lakhe lifuna ukumthengisa engxenye nozakwabo uMthobi Mvala, angaba wusizo olukhulu emidlalweni yeMamelodi Sundowns eyidlala ngaphansi kweConfederation of African Football (Caf) ngenxa yesivinini sakhe, esingenza ukuthi lugqobhozeke kalula udonga lwasemuva lwamaqembu asenyakatho ne-Afrika.
Kunemibiko ethi abaphathi beHighlands bafuna ukubadayisela iSundowns labadlali, ukuze kuhlangane imali abayifunayo ngeqembu njengoba kuthiwa ofuna ukulithenga uTim Sukazi, ukhala ngokuthi uR50 million mkhulu kakhulu.
“Ngeke ngikwazi ukuqinisekisa ukuthi izingxoxo seziphinde zavuselelwa kodwa engikwaziyo wukuthi sasimfuna phambilini, sahlulwa yinani ababelifuna ngaye, esalibona liyihaba,” kusho uManqoba Mngqithi oyiphini lomqeqeshi waMasandawana.
“Engingakusho nje, wukuthi uma kuwuthi siyamthola manje uzokuba wusizo olukhulu uma sesidlala e-Afrika, ikakhulu uma sibhekene namaqembu asenyakatho ne-Afrika.
“Isivinini sakhe sizokwenza ukuthi sisheshe sigqobhoze udonga lwabadlali basemuva bamaqembu akhona ngoba bayizijaka abasheshi ukuguquka uma ubahlasela, usebenzisa ijubane,” kuqhuba uMngqithi ongakwazanga ukuphawula ngendaba yokuthinteka kwegama likaMvala.
Ngesonto eledlule kusabalale imibiko ebithi leli qembu lithengiswa ngesamba esilinganiselwa kuR50 million, kodwa uSukazi okuthiwa ufuna ukulithenga ukhala ngenani athi limba eqolo.
Kuthiwa bathi leli nani lingehla kuphela uma uShalulile noMvala bengeke babeyingxenye yale ndali kodwa bathengiswe engxenye, ngabaphathi beqembu.
Abaphathi bafuna ukuthengisa labadlali ngemali ewuR10 million umdlali ngamunye. Leli phephandaba like labika ukuthi abaphathi beHighlands bebefuna iqembu elizimisele ngalo mdlali libeke etafuleni uR30 million, nokwenza iSundowns iphume ihlehla ikhala ngokuthi imba eqolo.
Kuthiwa abaphathi beHighlands bathi uma iSundowns ingase ibathenge bobabili kungehlisa inani uSukazi azimisele ukuyithenga ngayo, bese kuthi imali etholwe ngabo igcwalisele ukuze kuhlangane isamba esiwu R50 million abasifunayo ngeqembu.
Usihlalo weqembu uBrad Kaftel, uthi nakuba bemthanda lomdlali kodwa ngeke bame endleleni yakhe uma ethola amadlelo aluhlaza.
“Okwamanje besingakezwa lutho ngabathi bayamfuna ukuze sixoxisane. Uma kukhona okuconsisa amathe futhi kukuhle singabonisana,” kusho uKaftel kwiKickOff.com.