LUNGILE MAJOKA
USEXOSHIWE uMolefi Ntseki esikhundleni sokuqeqesha iqembu lesizwe iBafana Bafana.
Lokhu kumenyezelwe isikhulu esiphezulu seSouth African Football Association (Safa), uTebogo Motlanthe kwisithangami nabezindaba ngoLwesithathu eSafa House.
"Ngo-10 (ngoLwesithathu) isigungu esiphezulu seSafa sithathe isinqumo sokwehlukana kuthi nomqeqeshi," kusho uMotlanthe.
Uthe yena njengesikhulu esiphezulu ubesazohlangana noNtseki ukumazisa
ngokusemthethweni ngesinqumo esithathiwe, badingide nodaba lwenkontileka ebingakapheli.
Okugqamile kulesi sithangami wukuthi umengameli weSafa uDanny Jordaan ubengabonwa kuso.
UMotlanthe ubehambisana nosihlalo wekomodi losomaqhinga, uJack Maluleka.
Uthe isigungu esiphezulu sithume bona ukuthi bazoxolisa esizweni ngokuthi iBafana ayiyi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezobanjelwa eCameroon ngonyaka ozayo.
UNtseki uxoshwe ngemuva kokuthi ehlulekile ukufaka iBafana kwi-Afcon. INingizimu Afrika ihlulwe yiSudan ngo 2-0 ngempelasonto edlule emdlalweni wokugcina wokuhlunga kuGroup C. Lokhu kwenze yaqeda eqoqweni isendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-10.
Amaqembu amabili aya eCameroon kube yiGhana eqhwakele neSudan esendaweni yesibili