UMGIJIMI uCaster Semenya usejoyine iqembu lebhola iJVW kaputeni weBanyana Banyana uJanine van Wyk Isithombe: TWITTER

UMPETHA womhlaba kwi-800m uCaster Semenya usejoyine iqembu lebhola. Lezi zindaba ziqinisekiswe izolo yiJVW okuyiqembu likakaputeni weBanyana Banyana uJanine van Wyk elidlala kwiSasol Provincial League eGauteng.

“Yize lesi silomo sezokugijima singabhalisiwe kwiSafa Sasol League ka-2019 ngenxa yokuvalwa kwewindi kwisizini ka-2019, sizoqhubeka nokuziqeqesha neqembu kulungiselelwa u-2020 lapho sizobe sesikwazi ukudlala khona,” kusho isitatimende seqembu.

USemenya usamile ekugijimeni njengoba elinde isinqumo seSwiss Federal Court mayelana nekusasa lakhe. Lo mgijimi obuye abe ngumpetha wama-Olympic kwi-800m ufuna kubuyekezwe isinqumo seCourt of Arbitration for Sports eyavuna i-International Association of Athletics Federation (IAAF) ekutheni yena nabanye abagijimi besifazane imizimba yabo ekhipha i-testosterone ephezulu kuka-5ml/L, badle imishanguzo yokuyinciphisa uma bezimisele ngokuncintisana nabanye kwi-400m, 800m naku-1 500m.

Lo mthetho uqale ukusebenza ngoMeyi.

Ukungaphumi kwesinqumo seFederal Court kusho ukuthi uSemenya ngeke akwazi ukuvikela isicoco sakhe somhlaba ku-800m kwi-IAAF World Championship eDoha, eQatar kusukela ngoSepthemba 27.

Mayelana nokusayina kwiJWV uthe: “Ngiyajabula ngaleli thuba nokwesekwa engikutholile. Ngilibheke ngabomvu ibanga engizolihamba. Ngithemba ukuthi kukhona engizokwenza ukusiza iqembu.” USemenya, owaqala edlala lona ibhola ngaphambi kokugijima, usanda kukhuluma kwiTop Women Conference eGoli wathi ngeke akuyeke ukugijima.

Ekhuluma ngokusayinisa uSemneya, uVan Wyk uthe ujabule kakhulu. 

“Ngijabule kakhulu ukuthi inkakha yakuleli kwezokusubatha isizodlalela iqembu lami. Kuyangithoba kakhulu ukuthi kuwo wonke amaqembu abengawadlalela ukhethe ukudlalela iJVW, okuyiqembu afuna ukukhombisa kulo ikhono lakhe lokudlala ibhola. 

Uqalile ukuziqeqesha nathi ngoLwesibili, kungichazile ukubona ukuthi useyakwazi konke okuyisisekelo sokudlala ibhola. Sengilangazelala ukuqala umsebenzi nomqeqeshi uCiara neqembu lethu lapho enginesiqiniseko sokuthi uzokhula njengomdlali webhola kushaye u-2020 esekulungele ukudlala,” kusho uvan Wyk osanda kusayina neqembu laseDenmark iFortuna Hjorring.