Ezemidlalo Ibhola

USeema uthembisa ukungalimoshi ibhola le-Arrows

Published

ULEHLOHONOLO Seema obekwiChippa United omenyezelwe izolo njengomqeqeshi omusha weLamontville Golden Arrows Isithombe: BACKPAGEPIX

XOLILE MPISANE

AKASIBONI isidingo sokubhidliza umsebenzi omuhle osuwenziwe kwiLamontville Golden Arrows uLehlohonolo Seema, omenyezelwe njengomqeqeshi omusha waleli qembu izolo.

USeema (41) uzovala isikhala sikaMandla Ncikazi, oqophe umlando ngesizini ephelile, ebeka Abafana Bes'thende endaweni yesine kwi-log yeDStv Premiership, wabe eseshiya eyojoyina i-Orlando Pirates.

Lo mqeqeshi odabuka eLesotho usanda kubeka phansi izintambo kwiChippa United emva kwemidlalo yokuhlunga yePremier Soccer League (PSL).

Ngaphambilini uke waqeqesha iBlack Leopards neBloemfontein Celtic kanti usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwi-Arrows.

"Ngijabule kakhulu ngaleli thuba enginikwe lona lokuzoqeqesha iqembu eliphezulu njengeGolden Arrows. Ngesikhathi ngithintwa usihlalo (uMato Madlala) angizange ngingabaze nakancane," kusho uSeema.

"Ngiyambonga ngokungethemba ukuthi ngingawenza lo msebenzi. Siwubonile sonke umsebenzi omuhle owenziwe uMandla Ncikazi ngesizini edlule. Ngiyazi ukuthi kulindelwe okungaphezulu kule sizini ezoqala kodwa ngiyethemba ukuthi sizosebenzisana kahle, ngaphansi kwesandla sikasihlalo.

"Okwami ukuzonezezela ulwazi esengiluqoqile njengomdlali nomqeqeshi, ngithuthukise abadlali ngibabeke ezingeni elingaphezu kwaleli engibafice bekulo. Sengiqalile ukusebenza nabo futhi ligqama kakhulu ithalente labo uma usubabuka eduze."

USeema ubuye waqinisekisa ukuthi uzoqhubeka nokusebenzisana noMabhuti Khenyeza, obeyiphini likaNcikazi, noDavies Phiri osanda kuqashwa njengomqeqeshi wonozinti.

"Okumqoka ukuthi siqhubeke lapho iqembu ligcine khona ngesizini ephelile, singabuyeli emuva. Ukuba khona kukaMabhuti kuyisibusiso ngoba luningi ulwazi azongicobelela ngalo, ulazi kakhulu leli qembu," kuqhuba uSeema.

"Ngiwumuntu okhululekile futhi okwaziyo ukusebenzisana nabanye ngokubambisana. Ngisho nomqeqeshi wonozinti uPhiri ngimfice esevele ekhona, sizoqhubeka futhi nalabo abebevele bevocavoca leli qembu. Lingelinye lamaqembu ahamba phambili ngokudlala ibhola elinesivinini kodwa lingakhathali kalula.

"Akukho okutheni engizokushintsha, sizoqhubeka nebhola elihle eliya phambili bese silungisa amaphutha athile agqamile ngesizini edlule. Ayikho imibandela engibekelwe yona kodwa ngiyazi ukuthi yini okumele siyisebenzele," kusho uSeema.