ULEHLOHONOLO Seema opheka iLamontville Golden Arrows, uhlohla abadlali bakhe ngokuthi badlale injenje uma kufanele. Ukholwa wukuthi bekungafanele bavumele iTS Galaxy ibuye kabili emdlalweni weDStv Premiership, obungoMgqibelo eMbombela Stadium.
Umdlalo uphele zibambene ngo 2-2.
I-Arrows ihambe phambili ngamagoli, elikaMichael Gumede okube yiphenathi, nelikaVelemseni Ndwandwe alishaye ngesiwombe sesiibli. Nokho iqembu lasekhaya libuye ngemuva amahlandla amabili inethi ibonwa nguMxolisi Macuphu noSinethemba Mngomezulu, olishaye sekusele imizuzu emibili ukuthi umdlalo uphele.
Kumnamisile uSeema okuningi kodwa ubona sekuyisikhathi sokuqhela ekutheni bangenelwe ngamagoli alula ekubeni zikhona izikhwepha.
“Uma kuyithina esihamba phambili amaqembu asizama ngayo yonke into ukuze athole amagoli manje thina sihlulwa yini ukwenze njalo? “Sekuyisikhathi sokuthi sisebenzise izikhwepha nathi uma kufanele ngoba ukwaziwa ngokuthi sidlala kahle sakha amathuba kukodwa ngeke kusisize ngalutho,” kusho uSeema ngemuva komdlalo.
Uqhube wathi: “Ngijabule ngomfutho kodwa kufanele sifunde ngokushesha ukuthi isebenza kanjani injenje uma kufanele, ukugwema ukungenelwa uhlobo lwamagoli olusingenele.”
Ukhale nangebhadi lokushaya ipali kulo mdlalo akholelwa ekutheni bekufanele bawuwine. USeema uhlohla abadlali bakhe ukuthi bawusebenzise uqina-thambo uma kufanele, u-Owen Da Gama oqeqesha iGalaxy, ujabulele abagadli bakhe abathole amagoli.
“Sisesimeni lapho kunezinguquko eziningi eqenjini ngakho-ke kufanele silindele ukuthi ibhola ngeke libelihle okwamanje. Bonke abadlali bakhombisa izimpawu zokulalela kodwa okumqoka kakhulu ukuthi namuhla (ngoMgqibelo) abagadli yibona abashaye amagoli,” kusho uDa Gama.