Sithembiso Mkhize
USEDUDUZWA yisibalo sabadlali bezinga eliphezulu abakhiqizile uDillon Sheppard obengumqeqeshi weqembu leBidvest Wits leMultiChoice Diski Challenge ( MDC) okhala ubumayemaye ngamashwa abehlele.
USheppard, odlale kuwo wonke amaqembu esizwe, uthe inhliziyo yakhe insonsotha ngendlela eyisimanga uma ecabanga ukuthi akasenawo umsebenzi. Kuphelile ngeWits ebiqeqeshwa uGavin Hunt. Seyizokwaziwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) yaseLimpopo ebidlala kwiGladAfrica Championship.
Izikhulu zamaqembu ziqede konke ngokudayiselana abadlali nabaqeqeshi bengazi. Izindaba baze baziqinisekisa sekuqedwe konke.
USheppard, oqale ukuqeqesha * -Under 17 weZitshudeni ngo-2016 esadlala, uthe okubehlele ubengakaze akucabange nakancane. Okunye okumzumile kube yisinqumo sePremier Soccer League (PSL) sokungayibuyisi imidlalo yeMDC emiswe ngenxa yokuhlasela kweCoronavirus. Okwenza inhliziyo kaSheppard insonsothe wukuthi bekusele imidlalo emibili nje aqophe umlando wokunqoba isicoco seligi yeMDC.
IPSL ithathe isinqumo sokungayibusi imidlalo ezakhe ziqhwakele ngamaphuzu awu-64 emuva kwemidlalo ewu-28. Isibili bekuyi-Orlando Pirates ngawu-60 bese kweyesithathu kube yiMamelodi Sundowns ngawu-58.
“Ngeke ngiqambe amanga impela okwenzeke kule sizini kungizumile. Besinethuba elikhulu lokuba wompetha beMDC. Isibulele kakhulu iCovid-19. Bekuyisifiso sami ukuthi iPSL isinike ithuba lokuqedela. Ngakolunye uhlangothi iqembu lihamba nje liqede lisendaweni yesine kwiPremiership. Besinekusasa elihle. Kumanje kanginamsebenzi, maduze ngizohlangana nemenenja yami uGlen Binkin ukucaba indlela ebheke phambili,” kusho uSheppard.
USheppard, odlale kwiSeven Stars, Ajax Cape Town, FC Dynamo Moscow yaseRussia, Panionios FC yaseGreece, neSundowns, uthe useduduzwa wukukhiqizela iqembu elikhulu abadlali bezinga eliphezulu kwisizini ka-2019/20.
Laba ngoRowan Human oyibamba esiswini okusongwe isizini eshisa engabaselwe eqenjini elikhulu leWits. Nakuba enyuswe ngoJanuwari kodwa udlale imidlalo ewu-15 okukhona kuyo eyeligi, Caf Confederations Cup neyeNedbank Cup.
“Nakuba kubuhlungu okwenzeke eqenjini kodwa kuyangithokozisa ukuthi eqenjini leMDC ngikhiqizela elikhulu abadlali bezinga eliphezulu abacela eshumini. Ngiyezwa kuthiwa abanye bafunwa ngamaqembu athile. Isifiso sami wukuthi bonke bawuthole umsebenzi. Banethalente, lukhulu abangalenzela ibhola laseNingizimu Afrika,” kusho uShepard.
Phkathi kwabadlali abadlule esandleni sakhe abakhushuliwe kubalwa uMpho Mathebula odlala emuva kwesokudla, Molahlehi Solly Khunyedi, Keen Phillips obeseqenjini lesizwe lika-Under 20 ebelidlala kwi-2019 Fifa World Cup, ePoland. ULishakhaya Mlonyeni,Cuwen Prince, Kabelo Makola, Janovane September, Deon Horn noMalik Mashinini.