IMPUMELELO kaPitso Mosimane, oqophe umlando enqoba iCaf Champions League nge-Al Ahly e-Egypt ngoLwesihlanu, ilindelwe ukuba iklame indima enkulu emkhankasweni kaPatrice Motsepe wokuhola iConfederation of African Football.
Ukhetho lweCaf lungoMashi 12 eMorocco.
UStanley “Screamer” Tshabalala, okuyimanje uyinhloko yamaqhinga kwi-Orlando Pirates, nguye owavumbulula uMosimane esengumfanyana, ngo-1982, emthatha kwiRockville Hungry Lions emuyisa kwiJomo Cosmos kaJomo Sono, esengumfundi waseSekano-Ntoane High School, eSenaoane, eSoweto.
UMosimane uhlule ngo 2-1 iZamalek ngoLwesihlanu. Ungumqeqeshi wokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba iChampions League kabili. Kusenguye yedwa odlale kwiFifa Club World Cup, ozokuphinda ngoFebhuwari eQatar.
“Into eyangithatha kuye wukuthi wayedlala ngesinxele, okuyinto-ke leyo eyivela kancane. Ngamthatha lo mfana ngamuyisa kuJomo ngathi ‘nangu umdlali awumbheke ukuthi ngeke yini umsebenzise’. Nangempela wamthatha. Kodwa yeyi! Wake wangisokolisa kabi uPitso ngoba wayevele angafiki lapho engithe asihlangane khona. Ngaze ngaya kuyise owayenesitolo. Ngafika esitolo sikayise saxoxa, ngamtshela ukuthi lo mfana unethalente, sengimkhulumele noJomo. Nangempela kwasiza-ke lokho,”kusho uTshabalala.
Okwenza uTshabalala angamangazwa yimpumelelo kaMosimane ekubeni ngumqeqeshi, wukuthi wakhombisa esengumdlali ukuthi unemibono ehlukile.
“Ngaphinda ngamlanda kuJomo sengikwiMamelodi Sundowns. Lapho uJomo wayengasafuni naye kodwa sakwazi ukumthenga. Ngiyakhumbula nje nguye owagoba ibhola elaba ngumkhonto ogwaza ekhaya, iSundowns inqoba isicoco sayo sokuqala ngqa ngeMainstay Cup.
“Kangimangali uma ngimbona eya ethuthuka kanje ekuqeqesheni ngoba wayevele engumdlali onemibono ngaso sonke isikhathi. Wayengathuli nje avumele kusetshenzwe. Wayehlezi enemibono, ngisho ukuba nemibono ngayo yonke into. Ngisho nangezinga lokuzilolonga nokunye,” kusho uTshabalala.
UMosimane uqashwe yi-Ahly ekuqaleni kuka-Okthoba esayina inkontileka yeminyaka emibili.
Unikwe umbandela wokunqoba iCaf Champions League.
Ufike iqembu selivele selisinqobile isicoco seligi, ingakapheli nemidlalo ye-Egyptian Premier League.
Amagoli ashaywe ngu-Amr Soleya noMohamed Magdi awe-Ahly, kwathi eleZamalek laqhamuka noShikabala.
Kwakugcine ngo-1965 ukuthi owamanqamu ube wumlenze owodwa.
UMQEQESHI we-Al Ahly, uPitso Mosimane, ephakamisa indebe yeCaf Champions League ayinqobe neReds e-Egypt, ngoLwesihlanu ebusuku Isithombe: Amasandawana Twitter