SITHEMBISO MKHIZE.
INHLOKO yosomaqhinga beqembu lesizwe laseTurkey, uMuhsin "Mshini" Ertugral, ibona uPitso "Jingles" Mosimane, esevuthwe ngokwanele ukugila izimanga kwiFifa Club World Cup ezodlalwa ngoDisemba, eJapan.
Ngesikhathi uMosimane eshaya iKaizer Chiefs ngo-3-0, kowamanqamu weChampions League, uzifake emabhukwini omlando ngokuba wumqeqeshi wokuqala wase-Afrika noma omnyama ukuyinqoba kathathu.
Waqala ukuyiphakamisa neMamelodi Sundowns ngo-2016, nyakenye wayinqoba nawo amaRed Devils.
Uzophindela okwesithathu kwiClub World Club.
Ngo-2016, eqala ukuhamba namaBrazillians akalibonanga elidlalayo.
Nyakenye, eQatar, ushaywe yiBayern Munich yaseGermany ngo-2-0 kowandulela owamanqamu.
U-Ertugral okwathi ngo-2001 wanqoba neChiefs i-African Cup Winners' Cup eseyaziwa ngeCaf Confederation Cup, utshele Isolezwe ukuthi ukunqoba kukaMosimane iChampions League kathathu abuye ayiqukule kabili kulandelana ne-Al Ahly, kusho ukuthi kumele amqaphele amanye amaqembu eJapan.
"Okuhle ngoPitso ukuthi uhlale enentshisekelo yokunqoba. Uyazihlupha ngasosonke isikhathi ngokukhulisa ulwazi. Anakho akakuzuzanga ngephutha. Ubufakazi balokhu, ukubamba umgqigqo wokunqoba nokuhlale ekhula. Ngo-2016, akalibonanga elidlalayo. Nyakenye, wacishe wamangaza abaningi eshaywa yiMunich kowandulela owamanqamu. Empeleni washaywa yisipiliyoni. Nakuba ngikholelwa ekutheni akadlalanga kahle edla iChiefs kodwa kulo nyaka kwiClub World Cup uzomangaza abaningi. Uyosho ukuthi ngakutshela,“ kusho u-Ertugral.
Lo mqeqeshi obekhuluma neSolezwe ese-Instanbul, eTurkey, uthe uyavumelana nalabo abaqagela ukuthi esikhathini esingengakanani, uMosimane uzobe eqeqesha e-Europe.
"Kuyiko-nje ukuthi kubukhuni kubaqeqeshi base-Afrika ukuthola amathuba e-Europe. Kodwa uma uPitso engaqhuba ngale ndlela, uzogcina eqeqesha elinye lamaqembu ahlonishwayo e-Europe.“
Nyakenye, owayeqeqesha iMunich, uHans-Dieter Flick, wamncoma kakhulu uMosimane ngokwazi ibhola. Wengeza ngokuthi angafika enze izimanga e-Europe.
Selokhu yasungulwa iFifa Club World Cup, ngo-2000, kalikho iqembu lase-Afrika elake layinqoba.
I-TP Mazembe yaseDR Congo yashaywa yi-Inter Milan yase-Italy kowamanqamu ngo-2010.
IMazembe yayicijwa nguLamine N' Diaye waseSenegal.
Ngo-2013, eMorocco, iRaja Casablanca yahlulwa yiyo iMunich kowamanqamu. Yayiqeqeshwa uFaouzi Benzart waseTunisia.
I-Al Ahly ebinqoba iChampions League okweshumi, kwiClub World Cup izobe ibuyela okwesikhombisa.