Yiwona lawa amazwi “okweshela” omqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane, aholele ekutheni uGeorge Maluleka anqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe kwiKaizer Chiefs noma isimncenga.
UMosimane ugcine ehlambulukile ngendlela adobe ngayo uMaluleka ukuthi afulathele iNaturena esethenjiswe inkontileka entsha.
UMaluleka uhlukane neChiefs phakathi nesizini emuva kokuthi esayine inkontileka yesibambiso neSundowns.
Ubezothuthela eChloorkop ekuqaleni kwesizini ka-2020/2021 kodwa abaphathi beChiefs banqume ukumkhomba indlela, bezeseka ngokuthi usayine neqembu ababanga nalo isicoco se-Absa Premiership.
Sekuwumlando ukuthi ngempela iSundwns igcine ikhale yemuka nesicoco seligi.
UMosimane ubekade ekhuluma ngesikhathi iqembu lonke livakashele abaxhasi, uHyundai liphethe izindebe eliziwinile kule sizini, eye-Absa Premiership,Telkom Knockout neyeNedbank Cup.
“Abantu bathi sithathe uMaluleka. Singamthatha kanjani umdlali ongafuni ukuza kithina? Yikho elapha. Akuthina esimthathile naye ubekade efuna ukusidlalela. Uze kithina ngoba ngimtshelile ‘uma ufuna ukuwina izindebe, woza lapha’. Lapho (kwiChiefs) unaso isiqiniseko (sokuwina izindebe)? Kuyiqiniso lokho. Ngimtshelile ukuthi ubufakazi bukhona la. Ngitshele noRhulani (Mokoena) ‘uma ufuna izindebe, hlala la. Izindebe zilapha. Lapho (kwiPirates) ungazama okuzamayo, izindebe zilapha. Hlala la, qukula izindebe', “ kusho uMosimane.
Ukukhonjwa indlela kukaMaluleka kwiChiefs akwehlanga kahle kwabanye babalandeli beChiefs ngenxa yamagalelo akhe aholele ekutheni leli qembu lihlale esicongweni se-log. Isikhala sakhe enkabeni yenkundla sihlale obala emidlalweni yokuqedela isizini. Amakhosi agcine engasiwinanga isicoco seligi phezu kokuba ayekade esevule igebe lamaphuzu angu-13 esicongweni.
“Ukuba bengingumqeqeshi weChiefs bengizomgcina uMaluleka kodwa kwesinye isikhathi kungaphezu komqeqeshi. Iqembu linabaphathi. ‘Leli yiqembu lethu, asimfuni’. Ukuba bekuyimina bengingeke ngimdedele. Ngakwenza lokho ngisekwiSuperSport United. UCalvin Marlin wasayina kwiSundowns kodwa wayidlala yonke imidlalo. UBongani Zungu wadlala esevele esayine inkontileka yesibambiso,” kusho uMosimane.
“Ucabanga ukuthi umdlali ohlonipheke njengoMaluleka ubengasishayela igoli ekhaya (uma sidlala neChiefs). Kufana nawe nje uma sewazi ukuthi usuyayishiya inkampani oyisebenzelayo, ungahlala ekhaya izinyanga ezintathu ungasebenzi? Ukuthembeka bekukhona iminyaka eyisishiyagalombili. Ufuna ukukubhidliza konke lokho? Ukuba wenza lokho nathi sasizombhekisisa ukuthi ubani lona esimsayinisile.”