IJEZI eliwunombolo 21 lisetshenziswe kakhulu nguSiyabonga “Nsimbi” Sangweni waseMpangeni, kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
Empeleni nomfowabo, uThami ubezifela ngaleli jezi esadlalela AmaZulu FC namanye amaqembu.
Insephe yePirates uNkanyiso Zungu, nguyena othathe leli jezi kwiBucs, kanti kuqondana nokuthi naye ungowokuzalwa eMpangeni.
UThami Sangweni uxoxe naleli phephandaba izolo ngokuthatha kukaZungu ijezi ebeliyigugu kumfowabo.
“Inombolo ebhalwe ejezini, yinombolo nje. Kayisho lutho. Ngiyathemba noZungu uzokuqonda ukuthi okubalulekile ukuthi ashaye into ecokeme ngoba uzobe ebanga ijezi nabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu nokuthi phela iPirates yiqembu elikhulu,” uqale washo kanje uThami ebuzwa ngejezi.
UZungu ugqame kuMaZulu FC, wagcina eshiyile khona walunguza kwiJomo Cosmos kwiGladAfrica Championship.
U-Ephraim “Jomo” Sono, ongumnikazi weZenkosi wamchoma uphaphe lwegwalagwala uZungu, washo nokuthi uya kude ebholeni kodwa kunezinto okumele azilungise ngaye ezingamenzela phansi nxa eziziba.
Kubukeka sengathi uzilungisile ngampela uZungu, ngoba ubizwe uSteve Barker opheka iStellenbosch FC ukuba ezodlalela ezakhe ngenxa yobudlelwano obuhle abanabo nalo mdlali ngesikhathi esaqeqesha Usuthu eminyakeni edlule.
Eqhubeka echaza uSangweni, uthe ... Udaba luqhubeka ephepheni lanamuhla...zitholele elakhe ukuze ungezwa ngabantu.