STHEMBISO NGOBESE
UVEZA ubunzima abhekane nabo ngesikhathi engenaqembu, uThamsanqa Sangweni, osanda kusayina kwiChippa United egijima esigabeni seDStv Premiership.
USangweni odabuka eDondotha, eMpangeni, usayine kwiChilli Boyz ngesonto eledlule inkontileka ezophela uma sekusongwa isizini ka-2020/2021.
Lo mdlali ujoyine abadlali abafana no-Anthony “Snothi” Laffor no-Ayabulela Konqobe nabo abangene emabhukwini eChippa njengoba bekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Le njini yesisu ijoyina iChippa nje, ibikade isigijima kwiMbabane Highlanders okungelinye lamaqembu amakhulu adlala kwiligi enkulu yaseSwatini. Ngaphambi kwalokho yayigcine ukubonakala kwiPremier Soccer League (PSL) idlubhe imibala yeRichards Bay FC egijima kwiGladAfrica Championship ngo-2019.
USangweni utshele nb ukuthi ngemuva kokushiya iNatal Rich Boyz izinto ziqale ukubheda njengoba belingekho iqembu ebelizimisele ngokumsayinisa nokuholele ekutheni agcine ehlale isikhathi eside engadlali.
Uthe ukungabi neqembu isikhathi eside bekuyinto engemnandi neze kwazise ubesebhuquza ekhaya noma engasathandi.
“Isimo ebengibhekene naso besinzima kakhulu kimina njengoba ngizazi ukuthi ngisenalo ibhola. Angifuni ukukufihla mfowethu ukuthi ngihlale isikhathi eside kakhulu ngingenaqembu kanti bengingasathandi nokuhlala ekhaya ngingenzi lutho.
“Uyabona nje lapha ekhaya akhona amaqembu ebengike ngixoxe nawo ngenhloso yokuwajoyina kodwa kugcine kungalunganga nokuyinto ebisingenza ngizithole sengisesimeni sokuncenga umsebenzi kuwona,” kulandisa uSangweni.
Yize bezingaphumeleli izingxoxo zokuthola iqembu kuleli, akazange alilahle ithemba lokuthi uzogcina ebuyelile kwiPSL.
“Kodwa-ke nakuba bengibhekene nalesi simo esinzima bekungekho nakancane emqondweni wami ukuthi ngigaxe amakhokho ami emgibeni ngoba bengisenalo ithemba lokuthi kukhona okuzohlangana ekugcineni, nokuyinto egcine yenzekile njengoba sengibuyile.
“Ngaphezu kwalokho futhi ukuba nomuntu eduze kwami ofana nomfowethu omdala uSiyabonga (Sangweni) nakho kungisize kakhulu ekutheni ngingalilahli ithemba kwazise yena nomndeni wasekhaya bebengeseka ngakho konke esikhathini esinzima,” usho kanje uSangweni osedlale emaqenjini amaningi kuleli okukhona kuwo AmaZulu FC, iMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates ne-Ajax Cape Town.
Ephawula ngokubuyela kwakhe kwiChippa, uSangweni, uthe: “Ngijabule kakhulu ngokubuyela kwiChippa. Isifana nekhaya lami lesibili kwazise nginobudlelwano obuhle kakhulu nabaphathi bayo ngokunjalo nomqeqeshi uDan Malesela. Ngithanda ukubonga uSihlalo weqembu ubaba uMpengesi (Chippa) ngokunginikeza ithuba lokuphinde ngidlale kwiDStv Premiership. Ngibonga kakhulu nezikhulu zeHighlanders ngokunginikeza ithuba lokudlala eSwatini.”