KUPUTSHUKA ezithi kwisivumelwano sokuqeqesha esisayinwe wuRulani Mokwena kwiChippa United, umnikazi wayo uSiviwe Mpengesi udonswe ngendlebe ukudedela lo mqeqeshi ukwenza umsebenzi wakhe ngokukhululeka.
Leli phephandaba lokhu likuhletshelwe wumthombo walo osondelene nalo mqeqeshi okugcizelele ukuthi uMpengesi ngeke enze adume ngakho kuRulani.
Kuthiwa kwisivumelwano esisayinwe uRulani kunesigatshana lapho efuna ukuthi kungagxanjukelwa emsebenzini wakhe.
Okunye okuvezwe wumthombo wukuthi ngeke axoshwe noma yikanjani kodwa kuvunyelwane ngamaphuzu athile emuva kwemidlalo eyisibalo esithile.
Umthombo uveze ukuthi okukaRhulani kakufani nokwabaqeqeshi abanjengoTebogo Moloi abajoyina iChippa besuka kwi-Orlando Pirates.
Odabeni lwakhe usihlalo wePirates u-Irvin Khoza uluqaphe ngeso lokhozi.
UMokwena oqale ukungabonakali ebhentshini le Zimnyama kusukela kufike uJosef Zinnbauer ngoDisemba, ujoyine iChili Boys emasontweni edlule emuva kokuhamba kukaNorman Mapeza okuthiwe ufake incwadi yokwesula.
Uzolekelelwa uMichael Loftman oke wasebenza eqenjini leMDC kwiPirates.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi uMpengesi udume ngokupheka ethulula kubaqeqeshi. Kubo kubalwa umufi uRoger Sikhakhane, Dan Malisela, Eric Tinkler,Joel Masutha, Clinton Larsen, Duran Francis njengoba sekunguMapeza.
Umthombo osondelene noRulani ubulokhu ukugcizelelile ukuthi lo mqeqeshi uwumuntu osazisayo isithunzi sakhe kanti akazwani nento ebheke eceleni.
Nangesikhathi esayisekela likaPitso Mosimane kwiMamelodi Sundowns nakwiPirates, ungomunye wabantu abebehlale beqikelela indaba yokuziphatha nenhlonipho kubadlali.
“OkukaMokwena kuzohluka, nakuba ebelidinga ithuba lokuba nekilabhu okuzokhala isicathulo sakhe kodwa ubeke imigomo nemibandela kwinkontileka yakhe. Okunye wukuthi kulokhu udaba lusingethwe yiPirates, uMpengesi uyamhlonipha usihlalo wayo,” kubeka umthombo.
U-Olwethu Bovungana weChippa uthe: "KwiChippa vele umqeqeshi unikwa ithuba lokusebenza ngokukhululeka. Besingekho isidingo sokuthi kuze kufakwe kwikontileka kaRhulani ukuthi kumele asebenze ngokuthula." UMokwena uwuqale kahle umsebenzi wakhe kumaChilli Boys njengoba ebambele ekhaya eBidvest Stadium, iBidvest Wits ngo-0-0.
Ezakhe, kwilogi zikweyesi-12 ngamaphuzu awu-26 emuva kwemidlalo engu-24.
NgoLwesihlanu ezakhe zidlala neCape Town City kozoqala * -8 ebusuku eSisa Dukashe Stadium, eMdantsane, eMonti.