AMABHOKOBHOKO ejabulela enye yama-try anenebule ngawo i-Italy ayilobole ngo 45-0 emdlalweni weCastle Lager Incoming Tour eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha
Image: BACKPAGEPIX
AKAFISI ukuphinda adinge ukudedela isibhaxu somlomo kubadlali bakhe umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erusmus, kwazise bampendule ngokulobola i-Italy ngo 45-0 kowesibili weCastle Lager Incoming Tour ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Ngeledlule lo mqeqeshi washiya angalazi kubadlali bakhe yize babewinile kodwa esiwombeni sesibili i-Italy yabuya yaze yacishe yamincisa izinkumbi zabalandeli ezazihambele lo mdlalo owaphela ngo 42-24 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Nakuba Amabhokobhoko edlale cishe umdlalo wonke engaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibombu kukaJasper Wiese esiwombeni sokuqala, leli qembu lesizwe likwenze ngendlela konke obekulindelwe ngu-Erasmus kulona.
Lo mphumela ukukhombisile ukuthi Amabhokobhoko angompetha bomhlaba okungafani nangeledlule lapho umdlalo waphela khona sekubanjwe umoya kwazise i-Italy yayisingena ngamandla.
“Angifisi ukuphinda ngilwe nabadlali bami ngenxa yezizathu ezifana nezangesonto eledlule ngoba kungicacele ukuthi lokhu ebengikulwela nabo bakubonile,” kusho u-Erasmus esithangamini nabezindaba.
Baningi abadlali abaphakamise isandla kulo mdlalo ngokuka-Ersamus esingabala kubona uCannan Moodie, Makazole Mapimpi noWillie le Roux obedlalela Amabhokobhoko okwehlandla lika-100 ngoMgqibelo.
“Ngibone iqembu elidlala njengeliqeqeshwa yimina uma uqhathanisa nangeledlule uphinde ukhumbule ukuthi sidlale cishe umdlalo wonke singaphelele,” kusho u-Erasmus.
“Zonke izinkulumo zanamuhla ziyakha futhi zipholile uma uzoqhathanisa nezangeledlule. Inkinga yami akukhona ukuthatha kancane i-Italy kepha angithandi uma kungacaci ukuthi leli yiqembu eliphekwa yimina.
“Konke sikwenze ngendlela eGqeberha. Abadlali abasha bakhombisile ukuthi kungani besondezwe eqenjini kanti nalaba abasebethathwa njengabadala bakuvezile futhi ukuthi kungani benalezi zikhundla abanazo kulona (iqembu)."
Ngempelasonto ezayo, leli qembu lesizwe lizosonga i-Incoming Tour ngokubhekana neGeorgia ngoMgqibelo ngo-5.10 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.