USEPHENDUKE iqhawe eqenjini lakhe lase-Azerbaijan umdlali wasesiwini waseNingizimu Afrika uHendrik Ekstein, ongazange avumelane ngemali neKaizer Chiefs waqoma ukuyozama amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.
Nakule mpelasonto uPule, okuyigama adume ngalo eMzansi, kube ubuqhawe bakhe obusize iqembu lakhe iSabah FK liwaqoqa egcwele amaphuzu.
Lo mdlali oneminyaka ewu-28 ubudala, ushiye kungalindele muntu kwiChiefs ngo-Ephreli.
Nakuba kungazange kwandiwe kakhulu ngokushiya kwakhe kodwa uPotshoza usengakupotshozela ukuthi kubangwe imali. Ubefuna iholo lakhe lihluke kodwa iChiefs ibingazimisele ngalokho yize ibingenankinga ngokumnyusela inkontileka.
Useqalile uyaziveza e-Azerbaijan ukuthi kungani ebengomunye wabadlali abathandwayo eNingizimu Afrika kwazise uma elibamba ibhola bekuchwaza ngezikhathi zakhe esekwiChiefs.
NgoMgqibelo odlule, uPule ugile izimanga ngesikhathi akhela uzakwabo igoli wase enanela ngokuzishayela nelakhe. Konke lokhu ukwenze esikhathini esingaphansi kwemizuzu eyisishiyagalombili. Bekungu 1-0 beshaywa ngesikhahti eqala imigilingwane yakhe bagcina benqobe ngo 3-1 kwiSebail edlalelwa uMichael Essien wodumo kwiChelsea nakwiReal Madrid.
Emidlalweni eyisithupha edlule, uPule useshaye amagoli amathathu waphinde wakhela ozakwabo amanye amathathu okumbeka esicongweni ngokwakhiwa kwamagoli kule ligi lapho ebambene khona nabanye abane.
Yize iqembu lakhe lingahleli kahle (endaweni yesithupha kwiligi enamaqembu ayisishiyagalombili) kodwa emidlalweni lapho eshaye khona igoli kumbe elakhele omunye, iSabah ayikaze ishaywe.