UDONSWE ngendlebe ngokuziphatha kwi-Orlando Pirates umgadli omusha, uJustin Shonga, ofuna ukuzakhela igama emdlalweni wabakhaya neKaizer Chiefs ngempelasonto.
UShonga, waseZambia, ufike kwiPirates isiphakathi isizini yePremiership ka-2017/2018 kubhekwe lukhulu kuyena. Kuvele ukuthi eZimnyama zephuce iqatha emlonyeni iMamelodi Sundowns obekuthiwa isiqede konke noShonga.
Ngempelasonto edlule ukhombisile ukuthi kungani namanje esakhala ngaye umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, eshaya amagoli amabili iPirates ihlula iChippa United ngo 4-2 eBhayi. Lokhu kuyenze yalala endaweni yesibili kwi-log, yasala ngamaphuzu amane kwiSundowns ezihola phambili ngawu-40.
UShonga uthe abakhaya bakhe abadlale kwiPirates eminyakeni edlule uPerry Mutapa, Collins Mbesuma, no-Isaac Chansa bamyale kanzima emuva kokuthi esayine eqenjini.
“U-Isaac ngikhulume naye ekhempini yeqembu lesizwe, wangikhuthaza wangitshela nokuthi ngiya endaweni ekahle, ngizofike ngilithokozele ibhola. Wathi ngenxa yebhola engilidlalayo ngingadlala kwiPirates. UPerry, umqeqeshi, ubelapha ngenyanga edlule wangitshela ukuthi kufanele ngisebenze kanzima nokuthi kufanele ube ngumdlali onjani ukuze udlalele iqembu elikhulu kanjena nebheji lalo. Ungitshele ukuthi kufanele ngigxilise umqondo wami ebholeni ngikhohlwe yizinto eziningi. Wathi uma ngenze njalo ngizokuzuza lokhu akuzuzile yena futhi nangaphezulu,” kusho uShonga.
“UMbesuma, odlalele womabili amaqembu iChiefs nePirates, ungitshele ukuthi kufanele ngiziphathe kanjani. Ungithumela nemiyalezo mayelana nokuthi iPirates idlala kanjani nokudingekayo nokuthi abalandeli bafuna kangakanani ukuwina namagoli. Akekho kubadlali baseZambia oseshaye amagoli awu-35 aseke wawashaya eMzansi. Ngizomdlula kodwa kuzothatha isikhathi ngoba akulula, ngidinga ukuzinza bese ngishaya amagoli. Akulula ukusuka kwenye iligi bese uvele ushaya amagoli.”
IPirates izobhekana neChiefs emdlalweni we-Absa Premiership ozoba seFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Sekuneminyaka iChiefs nePirates bagcina ukubanga isicoco futhi bebhekane emdlalweni ongase ucacise ukuthi yiliphi iqembu elingase licindeze iSundowns.
“Ngizobe ngidlala okokuqala emdlalweni wabakhaya, mkhulu futhi ngijabule ngalokho. Kade ngangifuna ukuba ngomunye wabadlali abadlala kulo mdlalo. Ungomkhulu ezwenikazi nasemhlabeni futhi uhlonishwa kakhulu ngoba kududulana amaqembu amakhulu e-Afrika. Kuzoba wumdlalo omnandi, kufanele siwuthokozele sisebenze kanzima. Womabili amaqembu adinga ukuwina. Kuyisifiso sabadlali ukushaya igoli emdlalweni wabakhaya, nami ngifisa lokho. Okwenzeke ngempelasonto edlule sekwedlule, sekufanele ngisebenze ukuze ngishaye igoli ngempelasonto.”