
KUSUKELA etshelwe ukuthi ngeke aphinde ayidlalele iFrance, uKarim Benzema weReal Madrid uphumele obala wacela ukuba akhululwe ukuze adlalele elinye izwe angavumeleka ukuthi alidlalele.
Yize uBenzema, ongomunye wabagadli abasatshwayo emhlabeni, eseshilo ukuthi angathanda ukudlalela i-Algeria uma iFrance imxosha, umqeqeshi wompetha base-Afrika uDjemel Bemladi usephumele obala ngakuzwa ngaphakathi.
UBenzema, osefomini emangalisayo kwiMadrid kumasizini amabili edlule, bekulindeleke ukuthi ukudingiswa kwakhe eqenjini lesizwe kuqedwe kodwa inkulumo yakamuva kamengameli kasoseshini waseFrance, uNoel Le Graet, ikubeke kwacaca ukuthi lo mgadli akanalo ikusasa kompetha bomhlaba.
Kubukeka sengathi kumcasulile lokhu uBenzema wase ebhala ekhasini lakhe kwiTwitter ukuthi angakujabulela kakhulu ukudlalela izwe okudabuka kulona oyisemkhulu, i-Algeria. Eqinisweni uBenzema kwakufanele adlalele yona i-Algeria kodwa ngokubona ikhono esemncane bamncenga ukuba adlalele iFrance. Lokhu bahlale bekwenza vele kubadlali abaningi okukhona kubona uPaul Pogba noZinedine Zidane ongumdlali ohlonishwa umhlaba wonke (osengumqeqeshi weMadrid). Naye uZidane imvelaphi yoyisemkhulu ise-Algeria.
Yize ungekho umthetho ongamvumela uBenzema ukuthi ashintshe ngoba useke wayidlalela kaningana iFrance emiqhudelwaneni emikhulu kodwa isitatimende sakhe asibhale kwiTwitter elwa nomengameli weFrance Football Federation (FFF), sifinyelele kuBelmadi.

Indlela aphendule ngayo lo mqeqeshi ebuzwa ngoBenzema ikubeke kwacaca ukuthi ngisho noma ngabe likhona ithuba lokuthi lo mgadli ashintshe kodwa akekho ezinhlelweni ngoba uBelmadi uneme ngabagadli anabo.
“NginoBounedjah (Baghdad), Isam (Slimani), Andy (Delort) noHillal (Soudani) esikwatini sami. Ngineme ngakho konke engikunikwa ilaba bagadli. Akekho omunye engimdingayo, ngiyaxolisa,” usho kanje ekhuluna neDZFoot.
UBenzema ugcine ukubonakala edlubhe umfaniswano weFrance ngo-2015 kodwa emuva kwalokho udingisiwe esikwatini kulandela ukuphutshuka kwe-video yocansi eyayithinta uMathieu Valbuena ayedlala naye esikwatini.
Kuthiwa kukhona abangani bakaBenzema ababefuna imali kuValbuena uma efuna bangayisabalalisi i-video.
Ngenyanga edlule umqeqeshi weFrance uDidier Deschamps ukushilo naye ukuthi akakholwa wukuthi uBenzema usayophinde ayidlalele iFrance ngoba ukubuyiswa kwakhe kungasihlakaza isikwati seqembu lesizwe.