UBHEKE kwi-Orlando Pirates umgadli weSuperSport United, Bradley Grobler.
Leli phephandaba lithole ngomthombo walo othembekile ukuthi uGrobler uzophelela kweZimnyama. Sekunesikhathi iBhakabhaka lizingela uGrobler.
“UGrobler uya kwiPirates. Okwamanje ibingakaze ixhumane neSuperSport kodwa imenenja yakhe (Sean Roberts) ike yaxhumana nePirates. Ngemuva kwalokho ibe isibikela iSuperSport. Izikhulu zeSuperSport zizimisele ukudayisa uGrobler ngenxa yale zimo zeCorona. Zishayekile ephaketheni. Ukudayisa uGrobler kuzolisiza iqembu likwazi ukwenza imali. Yingakho lizodayisa no-Aubrey Modiba obheke kwiMamelodi Sundowns,” kubeka umthombo.
IPirates ingase ihlukane noJustin Shonga ofunwa yiqembu lasePortugal. Njengamanje uGabadinho Mhango noTsegofatso Mabasa yibo abasiza eZimnyama ngamagoli amqoka.
Konke sekulele kwiPirates ukuthi ixhumane neSuperSport ngemuva kwalokho amaqembu kumele avumelane ngokudayiselana.
“IPirates kudala imfuna lo mfana angiboni ukuthi izoliyeka leli thuba lokumsayinisa,” kubeka lo mthombo.
Kuthintwa isikhulu esiphezulu kwiSuperSport, uStanley Matthews ukubeke kwacaca ukuthi akukho okuningi azokuphawula ngalolu daba.
“Ngeke ngiphawule kakhulu ngale ndaba kaGrobler ngoba iPirates ibingakaze isithinte. Sizolinda yona ize kuthina ngemuva kwalokho sizobe sesibona ukuthi simisa kanjani.” kusho uMatthews.
Kumiswe iligi uGrobler esefomini embi. Ubebalwa nabadlali abasembangweni weLesley Manyathela Golden Boots. Emidlalweni engu-12 usehlohle amagoli angu-21. Ubesele ngamagoli amabili kuMhango angase adlale naye kwiBucs ngesizini ezayo.
Kuthintwa imenenja yakhe, uSean Roberts ngendaba yePirates iphike yalala ngomhlane.
“UBradley ungumdlali weSuperSport. Akusilona iqiniso ukuthi iPirates ike yasithinta. Usanenkontileka neSuperSport,” kusho uRoberts.
Njengamanje uGrobler usephenduke omunye wabadlali abangasali ngaphandle kwiBafana Bafana. Kanti iPirates iphansi phezulu izama ukuqinisa iqembu layo.
Isanda kuvumelana noThulani Hlatshwayo, Deon Hotto noBrandon Petersen bonke abakwiBidvest Wits njengamanje.
Kuyaphela ngeWits ekupheleni kwesizini. Abanikazi bayo bayidayisele abaphathi beTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Abaphathi beTshakhuma bakubeke kwacaca ukuthi kunabadlali abangeke bakwazi ukubakhokhela.