HENDRICK EKSTEIN

UMDLALI obeyisithandwa sabalandeli beKaizer Chiefs, uHendrick “Pule” Ekstein kodwa okuphoqeke ukuba ashiye ngoba exoshwa amakinati abebekelwa wona etafuleni ukuze elule inkontileka, ukhombisa ukujabula ngempilo yakhe entsha e-Azerbaijan.

U-Ekstien ubhale ekhaisini lakhe kwiTwitter egeqa amagula ngempilo entsha ezweni elisha e-Europe, eqenjini elisha. Uwuqalile umdlalo weqembu lakhe elisha iSabah FK ebivula isizini ngoMsombuluko.

Kulo mdlalo ezika-Ekstein zicazelane ngamaphuzu neNeftci PKF. Lo mdlalo bekungowokuqala ka-Ekstein osemthethweni kwazise eminye bekungeyokungcweka.

Nakuba engazange alishaye igoli kulokhu okuyinto abese eyenze kabili kweyokuzivivinya, u-Ekstein wakhe leli goli elishaywe uRashad Eyyubov. Emidlalweni yokulungiselela isizini entsha u-Ekstein ubevutha eshaya amagoli.

Lo mdlali oneminyaka ewu-28 ubonge abadlali abafice kuleli qembu (neqembu) ngokumenzela konke kube lula.

“Kunobhutshuzwayo ungaba nalo lonke ithalente kodwa ngeke uye ndawo nalo uma ozakwenu bengaxhumene nawe,” ubhale kanje kuTwitter.