OMUNYE wabangani bami bakudala wayenengcwayi esasishaya amakhala ngayo sonke equlwini labangani bethu ngoba yayingaphiwe ubuhle, ngokubona kwethu.
Cha yona le ntokazi kwakungekona ukuthi sasiyichwensa noma siyibeka amabala, ukuthi nje wawuthi uma ubheka yona bese uyiqhathanisa nomngani wethu, ubone ukuthi amanzi namafutha. Nokho umngani wethu wayezifela ngale ngcwayi futhi kuzicacela ukuthi akukho okwakuzomhlukanisa nayo.
Engakuqaphela ukuthi nayo ingcwayi yayimthanda kakhulu lo mbhemu nokwenza ukuthi ngigcine sengiyibuka ngenye indlela indaba yabo.
Okwenza ukuthi ngigcine sengibemukele ubudlelwano babo ukuthi ngabona ukuthi into yabo yayiyinhle.
Ngazibuza ukuthi ngingubani mina ukunqumela umngani wami ‘ngophuthu’ lwakhe. Ekugcineni kwakumjabulisa ukuba nale ntokazi ngakho kwakumele ngikhohlwe yindaba yokuthi emehlweni ami intokazi yayingabukeki ngoba kusho ukuthi yena wayethi uma eyibuka kuthi cosololo ngaphakathi.
Ngeke ngiyiqede le ndaba yalaba bobabili ukuthi yaphelela kuphi kodwa ngizohlala endabeni ethinta unobhutshuzwayo lo owuphuthu lwami engilidla imihla ngemihla.
Njengoba kubuya imidlalo ye-Absa Premiership kusukela kusasa ngizwa kuthi angigide ngoba isizungu sebhola lethu bese singibulele kakhulu. Ngiyazi ukuthi njengoba ngijabule mina ngokubuya kwemidlalo yeligi yethu kukhona abangenandaba nalabo abalimisa ngesihloko elokuthi bancamela ukubuka imidlalo ye-English Premiership kunokuchitha isikhathi sabo ngophuthu oluyi-Absa Premiership.
Omunye wake wangitshela emakhaleni ukuthi yena uncamela ukulala kunokubuka umdlalo we-Absa Premiership ngoba uyabhoreka.
Uyazibonela-ke ukuthi asiyi nganxanye singemanzi singabantu ngoba sadaleka ngezindlela ezihlukile. Yikho nje ngagcina ngikuqonda ukuthi kungani umngani wami ayezifela ngentombi yakhe yize mina ngangiyibuka ngamanye amehlo.
Uyabona lolu phuthu lwethu oluyi-Absa Premiership ngicabanga ukuthi luzokwehla kamnandi emphinjeni kulokhu ngoba zikhona izinongo ezithile engizithembayo ukuthi zizokwenza umehluko omkhulu kulona.
Esokuqala nje isinongo yilesi sokuthi iqembu elizodla umhlanganiso ekupheleni kwesizini lizokhala lemuke no-R15 million. Phela phambili iqembu elibe ngompetha belithola * -R10 million ngakho ngibona le sizini izokwehluka kakhulu uma iqhathaniswa namaningi edlule.
Okunye okungase kukhuphule izinga lophuthu lwethu ukuthi amaqembu ahlome ngabadlali abasha okubhekwe lukhulu kubona.
Ngazi kahle ukuthi amaqembu afana neBidvest Wits, Orlando Pirates, Kaizer Chiefs neSuperSport United, ngeke ayivumele kalula iMamelodi Sundowns ukuthi idle isicoco okwesithathu kulandelana. Lokhu kuzokwenza ukuthi kushunqe uthuli kubangwa ukuthi yiliphi iqembu elizokhala lemuke no-R15 million ekupheleni kwesizini.
I-Pirates neChiefs bazowakhuphula kakhulu amasokisi kule sizini ngoba sebekuzwa ngendaba ukuphakamisa indebe. Empeleni womabili la maqembu aseSoweto aphoxeke kweyamanqamu ngesizini edlule. I-Bucs ishaywe yiBaroka FC kowamanqamu weTelkom Knockout isithembile, kanti iChiefs ingene ehlazweni ishaywa yiTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup.
Ngizizwa nginethamba elikhulu lokuthi uphuthu lwethu luzonambitheka kakhulu kule sizini size sibone nomgadli ozoshaya amagoli awu-20 nangaphazulu.
Phela laba abathi iyabhora i-Absa Premiership basuke bekhala ngokuthi kuke kuphele impelasonto kunamaqembu angashayanga nelilodwa igoli imidlalo iphele ngo 0-0. Ngikubona kuzoshintsha konke lokhu kule sizini ngoba impi yesicoco izoshuba.
Okubalulekile nje ukuthi abalandeli baphume ngobuningi babo bayokweseka amaqembu ukuze ibhola lethu libuyele ezingeni elalikulona eminyakeni eminingi edlule. Kulabo abangibona njengomuntu othandana nentombi engaphiwanga ubuhle ngithi abangiyeke nginjalo ngoba lobu budlelwano abasoze babenza lutho. Njengoba ngayemukela ingcwayi kamngani wami ngithi nabo abemukele ukuthi lolu phuthu oluyi-Absa Premiership angisoze ngihlukane nalo.
Luwuphuthu olungenza ngisuthe ngiphinde ngisuthuse nalabo abaseduze kwami. Abafana beDistruction Boyz uma beyibeke indaba yabo bathi Omunye Phezu Komunye kodwa mina ngithi qhude manikiniki, akucace ukuthi ubani ingqwele uma sekusongwa isizini ngoMeyi. Alushe uphuthu lwethu!
- Phansi Emgodini