UMA izinkulumo ezishiwo ngosihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi ziyiqiniso, kuyobe kusho ukuthi akezwani impela nokukhipha imali.
Ngonyaka odlule leli phephandaba lishicilele udaba lapho uNkosinathi Mthiyane owayedlalela leli qembu, efuna ngo-dli imali yakhe kulesi sikhulu, ayethi simkweleta yona.
Empeleni lolu daba lusenkantolo njengamanje.
Ngaphandle kwalokho, umdlali woThongathi FC uCelimpilo “Zizou” Ngema ubefunwa uthuli yiChippa United ngesizini edlule.
Ngokuthola kweSolezwe, lesi sikhwishikhwishi size sashiya kuThongathi savalelisa nakozakwabo “sesithole amadlelo aluhlaza” kwiChippa.
UNgema ujime amasonto abalelwa kwamathathu neChippa, kulindeleke ukuthi asayine kodwa kwagcina kungenzekanga.
“Uthenjiswe izulu nomhlaba umfana kwiChippa futhi bebegculisekile abaqeqeshi ngabakubona kuyena ngesikhathi eziqeqesha naleli qembu. Indaba iqale ngesikhathi uThongathi selufuna imali yalo ngoNgema kwazise kwakunezivumelwano zemali. Kulindwe imali kwaze kwaba yileyo ndaba, lutho ukukhona uMpengesi. Lokhu kuphoqe ukuthi uThongathi lumbuyise uNgema ngoba kucaca ukuthi iChippa ayiyingeni eyokukhokha,” kusho umthombo ozazi zonke ezoThongathi.
Leli phephandaba libuze umqeqeshi woThongathi uJohnny Ferreira ukuthi ngabe yini ebuyise uNgema kwiChippa, ekubeni kwase kuthiwa usesayinile.
Uqale waba manqika ukuphawula.
“Angazi kahle kwenzekani kodwa yena wabuya (kwiChippa) futhi sonke saphoxeka,” uqale waphendula kanje uFerreira.
Nokho kubuye kwala kuFerreira wayibeka injengoba injalo.
“Akekho ongaboni ukuthi uNgema ufanelwe wukudlala kwiPremiership. Uyagijima, uyaphasa futhi ushaya namagoli. Saphoxeka ukuzwa ukuthi iChippa ayiyikhokhanga imali ngoNgema. Lokho akuzwakali,” kusho uFerreira.