Umgadli owafika ethwelwe ngeqoma kwiMamelodi Sundowns uJeremy Brockie. Isithombe: Sydney Mahlangu/Backpagepix

NGEMPELASONTO umgadli weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ushiye abanye abalandeli bezibuza ukuthi kanti kwenzekani ngaye.

Lokhu kwenzeke emuva kokuthi ekhasini leSundowns kwiTwitter kubalwe lo mgadli kwabangeke babonakale bedlala neBloemfontein Celtic koweMTN 8 ngenxa yokulimala.

UBrockie akazange ananaze waphendula ngokushesha kwelakhe ikhasi ethi “angilimele”.

Izolo emini, ngaphambi kokuthi iSundowns ibhekane neCape Town City koweligi eLucas Moripe Stadium, olawula ikhasi lamaBrazilians, uphinde walukhipha uhla lwabadlali abalimele, esho nokuyinkinga ngabo.

Egameni likaBrockie ubhale ukuthi “usededelwe ukuthi angadlala” wase efaka ubuso obucifa iso.

UPotshoza akawazi umdlalo odlalwa yiSundowns noBrockie kodwa kubonakala sengathi umqeqeshi, uPitso Mosimane akakamdingi esikwatini sakhe. Umbuzo uthi kungani pho lo mgadli engadedelwa aye kwelinye iqembu? Kodwa mhlawumbe kungenzeka azithole enekhaya elisha ngoba alikavalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali.