IMAMELODI Sundowns ishaya amakhala ngesikhathi ebekwe ngaso icala lokubophela umdlali ongafanele okungenzeka kuyishiye iphucwe amaphuzu uma liyilahla
Kuleli sonto iPremier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimende iveza ukuthi iSundowns yephula umthetho u-16.3.2 weNational Soccer League (NSL) ngokudlalisa uWayne Arendse kade bebhekene neBidvest Wits koweligi ngo-Okthoba 7 nyakenye.
Kuvela ukuthi u-Arendse wayengekho ohlwini lwabadlali (abangu-18) olukhishwa amaqembu ngaphambi kokuqala kwemidlalo, wayezowubuka nezihlwele. Ngemuva kokulimala kukazakwabo bezivocavoca wabe esebizwa ukuzovala leso sikhala, okuyinto ephambene nalesi sigaba somthetho.
Umdlalo waphela zibambene ngo 1-1.
“Ngeke siphawule okwamanje ngoba asikaveli ekomitini,” kusho uThulani Thuswa okhulumela iSundowns.
“Kodwa kungani ivela manje le nto ngemuva kwezinyanga ezingaka?” Uma iSundowns ikhala ngaphansi kungenzeka amaphuzu amathathu anikwe iWits.
ISundowns neWits basembangweni wesicoco seligi ne-Orlando Pirates. IZitshudeni ziphambili ngamaphuzu awu-37, i-Pirates isendaweni yesibili ngawu-32, iSundowns edlala namuhla neBlack Leopards eLucas Moripe Stadium ngo-7.30 ebusuku, ibe sendaweni yesithathu ngawu-31.
AmaBrazilians angemuva ngemidlalo emibili kwamanye amaqembu, kufanele avele khona namuhla ekomitini.
Leli phephandaba lithole ukuthi leli qembu lasePitoli aliyithandanga eyokuthi ngesonto eledlule umqeqeshi uPitso Mosimane kwathiwa akavele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
Lokhu kuthiwa kwaholela ekutheni uMosimane angalijimisi iqembu ngoMsombuluko owandulela umdlalo wabo naMaZulu FC abagcine ngokuhlulwa kuwona ngo 2-0. Icala ayebekwe lona kuthiwa elokukhuluma kabi ngonondweba, uMosimane akwenza ngesizini edlule.
Ngokwemithetho yeNSL iqembu elithokala linecala lokubophela umdlali ongafanele, kungenzeka lijeze ngokuphucwa amaphuzu, lihlawuliswe imali noma kwenziwe konke.
Phambilini amaqembu aseke abhekana nesimo esifanayo kwiPSL, agwetshwe ngezindlela ezingafani.
Ngo-2016 iPlatinum Stars yalahlwa icala lokudlalisa uSiyabonga Zulu okwathiwa wayengenalo ikhadi lokudlala. Lowo mdlalo waphela kulinganwana kwathi iDikwena yaphucwa lelo phuzu.
Ngonyaka ofanayo iJomo Cosmos ayizange iphucwe amaphuzu kade yenze icala elifanayo. Kunalokho yahlawuliswa uR200 000 kwathi umdlali owayethinteka uThabo Modiba wamiswa imidlalo eyisishiyagalolunye.
Ngesizini edlule i-Ajax Cape Town igawulwe yizembe ngokudlalisa uTendai Ndoro. Yaphucwa amaphuzu aleyo midlalo emithathu, anikezwa izimbangi. Yagixabezwa nangenhlawulo kaR50 000 umdlalo ngamunye.
ISundowns ike yazithola isenkingeni efanayo kwiMultichoice Diski Challenge lapho yabophela umdlali onamakhadi. Isigwebo sayo kwaba wukugingqelwa, umdlali waphinde wamiswa omunye umdlalo.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Mamelodi Sundowns v Black Leopards (Loftus Versfeld Stadium, 7.30pm)
NgoLwesihlanu: Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Bidvest Wits (Makhulong Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); AmaZulu FC v Cape Town City FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Baroka FC v Bloemfontein Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm)