UMQEQESHI weBidvest Wits, uGavin Hunt, uphakamisa ukuthi kulandwe abadlali asebephanyeke amakhokho emgibeni benziwe onompempe ukuze kuzoxazululeka inkinga yezinqumo ezingagculisi ezikhalise abaqeqeshi abaningi kule sizini ka-2018/2019.
UHunt uphume kabuhlungu embangweni wesicoco se-Absa Premiership emuva kokuthi unompempe uPhelelani Ndaba ephike igoli lezakhe bebhekene neSuperSport United ngesonto eledlule.
Leli goli ebelishaywe nguTerrence Djukamanja belizokwenza iWits ithole amaphuzu agcwele, ihlale embangweni weligi osusele kwi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
UNdaba nomsizi wakhe bavumelene ngokuthi ibhola elishaye ipali lagqoma ngale komugqa, aliweqanga. Ngalokhu uNdaba uthole isigwebo sokuyodlalisa ezigabeni eziphansi izinyanga ezintathu nabanye onompempe abane.
UHunt akuyena kuphela osale ekhala ngokuphathwa kwemidlalo kodwa noBenni McCarthy ugcine esabisa ngokulaxaza ukuqeqesha eMzansi ngenxa yokuphelela oboyeni okwezithukuthuku zengcanga komsebenzi wabo phakathi nesonto.
UHunt uthe abadlali asebeliyekile ibhola bangaba yisixazululo kule nkiyankinga.
“Ngeke ngiphawule ngokuthi izinga lokuphathwa kwemidlalo liyabheda noma lihle. Ngicabanga ukuthi onompempe badinga ukuzijwayeza abadlali nendlela eminye imidlalo ephathwa ngayo. Yikho ngihlale ngisho ukuthi baningi ababengabadlali abahlale bekhala ngokuthi abasebenzi, abanampilo. Kungani singabenzi onompempe ngoba ukhona umsebenzi khona. Baningi abantu abakhala ngalokho. Okwangesonto eledlule kugqamile kodwa le nto yenzeka isizini yonke. Thina kusikhinyabezile kule sizini. Kunama-free kick agcine engamagoli obekungafanele abekwe. Lokhu kuyadumaza,” kusho uHunt.
“Ngicabanga ukuthi inkinga yonompempe igcwele wonke umhlaba. Ibhola liyashesha manje. Kulula ukushaya eceleni ngezinqumo. Yikho sidinga iVAR ngoba iyasiza, ngabe isisizile ngesonto eledlule. Ngiyayeseka iVAR ngoba ivikela imisebenzi yabantu futhi ithatha izinqumo ezifanele.”
IWits, esendaweni yesithathu kwi-log, ihlule iBaroka ngo 3-1 emdlalweni weligi obukade useBidvest Stadium ngoMgqibelo. Lokhu kuyibeke ethubeni lokuyodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.
Izojoyinwa ozowina iNedbank Cup ezobangwa yiKaizer Chiefs neTS Galaxy ngoMeyi 18 eThekwini. KwiCAF Champions League makhulu amathuba okuthi uMzansi umelwe yiPirates neSundowns.
Nokho kungenzeka ukuthi iWits idlale e-Afrika isiqeqeshwa ngomunye umqeqeshi kwazise ayikavuselelwa inkontileka kaHunt eqenjini. IWits kuvele ukuthi ifuna uMcCarthy.
“Angazi noma bajabule yini ngami. Sizokhuluma sibone ukuthi sibekana kuphi. Kodwa njengoba izinto zinjena, ngihlelela isizini ezayo ngoba ngiselapha,” kusho uHunt.