
UMDLALI osatshwa umhlaba wonke ngengcwenga yebhola alidlalayo, uLionel Messi weBarcelona yaseSpain, ucele u-Edinson Cavani owungqwazi lweParis Saint-Germain, udede ngequpha.
Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko kudlalwa owobungani phakathi kwe-Argentina ne-Uruguay.
Umdlalo uphele ngo 2-2 wamagoli kaSergio Aguero, Messi, nelikaLuis Suarez noCavani. Lo mdlalo uyohlale ukhunjulwa ngempi yamankomane ecishe yasuka phakathi kukaMessi omfushane noCavani osukile emhlabathini. Kulo mdlalo bekufanele inqobe i-Uruguay kodwa ukuba khona kukaMessi oshaye iphenathi yokulinganisa esikhathini esengeziwe kwenze waphela zibambene.
Njengoba bekulindelekile, abukho ubungani kumbe umdlalo wokungcweka uma kubhekene izikhondlakhondla zaseSouth America. Baningi abadlali okudingeke ukuthi bahlukaniswe kwazise imimoya ibiphakeme kodwa okukaMessi noCavani yikhona okugqame kunakho konke.
Ngokwephephandaba lase-Argentina, i-Ole, uCavani oqale uthuthuva ngokuthi atshele ukaputeni we-Argentina ukuthi kungani bangavele balwe ngoba uyabona ukuthi bayafunana. Ngokwaleli phephandaba kuthiwa uMessi, obesegxumisa okwebhokisa, ubethi akuliwe manje. Kuthiwa uphinde wajika watshela uCavani ukuthi ‘bangabhozomelana noma nini uma efuna uCavani.’

Indaba isuswe yi-free kick enikwe i-Argentina ngasebhokisini le-Uruguay. Kuthiwa kusize abanye abadlali kubonakala ukuthi lezi zihlabani zingadumelana noma nini.
UMessi noCavani maningi amathuba okuthi bahlangane kwi-Uefa Champions League kwazise amaqembu abo okungompetha baseFrance nabaseSpain iPSG neBarcelona benza kahle emaqoqweni abo. Akungatshazwa ukuthi kusukela manje sebezobhekwa kakhulu laba badlali abayizithandwa zabalandeli babo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMessi ngeledlule utshele umqeqeshi weBrazil uTite ukuthi akavale umlomo wakhe uma ekwazi okumlungele. Lokhu kwenzeke i-Argentina inqoba ngo 1-0 kwiBrazil. UTite uthe namanje usadidekile ngokungahlonishwa yingane ngendlela okwenze ngayo uMessi.