Kaizer Chiefs (1) 2
Bloemfontein Celtic (0) 2
BASWELE umgodi wokucasha abeKaizer Chiefs ngesikhathi iqembu labo lidedela amaphuzu obekuzoba awokuqala ukuthi bawaqoqe egcwele kule sizini bebhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, izolo ebusuku.
IChiefs ivumele iCeltic ukuba ishaye amagoli amabili seliyoshona kade ihamba phambili futhi bese kucacile ukuthi amaphuzu ayasala kuGiovanni Solinas.
IChiefs ebiwuphethe umdlalo ngisho lingakangeni igoli lokuvula elishaywe uKhama Billiat ngomzuzu ka-37.
Leli goli livela nje, yingoba uSiphelele Ntshangase ubezenzela maphakathi nenkundla ngamaphasi.
Ukungenelwa yigoli okokuqala kule sizini kwenzeka kwiCeltic nje, yingoba uLantshane Phalane, okuhlale kunguyena njalo okhonyayo maphakathi nenkundla, ubelilandela kuNtshangase obeliphasa ngokukhululeka ibhola ezimpondweni kuRamahlwe Mphahlele ngakwesokudla noDumisane Zuma kwesokunxele aphinde aliveze maphakathi kuBilliat.
Ngomzuzu ka-24 noka-26 unozinti weCeltic, uPatrick Tignyemb, ulibhule ngezinyawo ngenhlanhla laphuma eceleni ishodi likaNtshangase waphinde wezwa ngebhola lishaya ipali livela kuZuma (naye engaphandle kwebhokisi). Obekwenza lokhu ukuthi uTignyemb ubelishiya kakhulu ipali.
Amakhosi aqale lo mdlalo engayazi iwini emidlalweni emine. Ubengekho unozinti wawo wokuqina u-Itumeleng Khune okuholele ekutheni uSolinas aqale umdlalo ngoBruce Bvuma. UKhune ubenenkinga engalweni kodwa kuthiwa kuhlangene nehlombe elimhluphayo. UVirgil Vries naye ulimele.
ULorenzo Gordinho, iChiefs ebizama ukunqamula isivumelwano ngaye, uqale ngakwezikaSteve Komphela. Konke lokhu bekuyizinongo kodwa size saphela isiwombe sokuqala iChiefs iwuphethe ngazo zonke izindlela umdlalo.
Ebonakala okokuqala ezinyangeni eziwu-11, uKhotso Malope ubeke iChiefs ethubeni elingciono eshaya phakathi igoli lesibili ephaselwe kamnandi uLeonardo Castro.
Kwenzeka lokhu nje, iChiefs ibisawuphethe umdlalo. Kuze kwaba umzuzu ka-76 uMenzi Masuku wabuyisa ithemba eshaya igoli lokuqala leCeltic. Kudlule imizuzu embalwa uNdumiso Mabena wehlisa izihlathi kwabeChiefs elinganisa.
Imiphumela ye-Absa Premiership
:
Kaizer Chiefs 2-2 Bloemfontein Celtic; Free State Stars 2-2 Cape Town City; Bidvest Wits 3-0 AmaZulu; Golden Arrows 1-1 Polokwane City; Baroka 1-1 Highlands Park; SuperSport United 2-1 Chippa United