UMDLALI waseFrance uPaul Pogba owumdlali osezingeni elingaphezulu kwelozakwabo kwiManchester United. Isithombe: Reuters, Andrew Yates

KUFANELE ukuba akekho umdlali onengcindezi njengoPaul Pogba kwi-English Premier League njengamanje. 

Lo mdlali ugeje iphenathi ngesonto eledlule ebizolekelela iManchester United inqobe umdlalo ngesikhathi ibhekene neWolves. UPogba waze wacwaswa ngokwebala kulandela ukugeja kwakhe le phenathi kanti ngokweDaily Mail, umqeqeshi u-Ole Gunna Solkjaer wakhwela wadilika kuyena ngemuva komdlalo ngokuphuca uMarcus Rashford iphenathi, eyavinjwa unozinti we-Wolves. 

Nakhu ke ngoMgqibelo uRashford naye umoshe ithuba lokubeka i-United phambili idlala neCyrstal Palace, egeja iphenathi. Ingabe umqeqeshi uzomthethisa naye, amphuce ukushaya amaphenathi anikeze omunye ngokuzayo? Ngeledlule kwagxilwa kwiphenathi kaPogba, abantu bakhohlwa umbozo we-United uma iya phambili. Nakule mpelasonto kubukeka kwenzeka okufanayo kodwa ngiyithandile inkulumo kaTim Sherwood, oke waqeqesha iTottenham Hotspur, onganqenanga ukusho ukuthi uPogba uyena mdlali obevelele enkundleni ngaphambi kwephutha alenza elaholela egolini likaPatrick van Aanholt. 

Selokhu kuqale isizini uPogba udlala emgodini esiswini njengoba ehlezi phambi kodonga ngokubambisana noScott McTominay. Phambi kwabo kugijima uDaniel James, Jesse Lingard noMarcus Rashford abadlala ngemuva komgadli u-Anthony Matial obuyiselwe unombolo 9 ngemuva kokuhamba kukaRomelu Lukaku. 


Asigxile kulaba badlali: 


URashford ngesizini edlule emidlalweni ewu-33 ushaye amagoli awu-10, waphaka (assist) ayisithupha kuphela. Emidlalweni ewu-23, uMartial ushaye amagoli awu-10, waphaka amabili. ULingard odlala indawo yomdlali okufanele enze izinto zenzeke, evame ukubizwa ngonombolo 10, ngesizini edlule ushaye amagoli amane, waphaka amabili emidlalweni ewu-27. Ngesizini ka-2017/2018 waba nesizini engconywana eshaya amagoli awu-8 kodwa washaya udaka emsebenzini wakhe, okuwukuphakela umgadli noma abagadli ngamabhola njengoba aphaka amagoli amabili nje kuphela.

Uhluleke wancama ukulekelela i-United ithole amagoli uJesse Lingard. Isithombe: Reuters, Paul Childs

UPogba ngesizini edlule ushaye amanqaku awu-13, waphaka amagoli awu-9. Kwengaphambi kwaleyo, uphake amagoli awu-10, washaya ayisithupha. Noma engekho msulwa uPogba, ikakhulukazi uma kuziwa ekulahleni ibhola esiswini, uyibhasi elibhaliwe ukuthi akadingeki phambi kodonga, udingeka eduzane nabagadli. Kuyaxaka ke ukuthi umqeqeshi we-United kule sizini ukhethe ukumshovela emuva, noma enza ezibukwayo nakhona, ekubeni edinga amagoli. 

Kuyiqiniso ukuthi abagadli be-United ngeke balinuke ijezi ezimbangini zayo ezibheke isicoco seligi okubalwa kuzo iManchester City, Liverpool, neTottenham. Ngeke balithole futhi ijezi ngisho nakwi-Arsenal neChelsea, uFrank Lampard asayipheka ngabashana benkulisa abakhombisile kule mpelasonto ukuthi kukhona abeza nakho kule sizini. 

Abadlali abanjengoPogba badinga ukudlala nabadlali abaseqopheleni eliphezulu ukuze bakhombise amandla abo angempela. Ngeshwa abekho labo badlali kwi-United, echithe izindodla zemali isayinisa abadlali basemuva, yakhohlwa ukulungisa indaba yabadlali abahlaselayo ekubeni idayise uRomelu Lukaku no-Ander Herrera. 

ULukaku kuphela osondele kuPogba ngamagoli kwi-United ngesizini edlule njengoba eshaye awu-12. 

Ngaphandle komgadli, i-United ibimataniswa nabadlali basesiswini nabanye abahlaselayo kodwa igcine ngokuthenga uDaniel James kwiSwansea, othembisayo kodwa okucacela ngisho ingane encane ukuthi akakavuthwa. 

KwiMan City uDe Bruyne (odlala esiswini) phambi kwakhe kukhona uRaheem Sterling, Kun Aguero noBernado Silva. Ngaphandle kwabo kusekhona uSane noMahrez. Esiswini inkundla uyicangcatha noDavid Silva noRodri osayiniswe esuka kwi-Athletico Madrid. 

KwiLiverpool, uKlopp uyazikhethela ukuthi ufuna ukudlalisa bani phakathi kwabadlali bakhe abanamava uJordan Henderson, James Milner, noWijnudum. Uyakwazi ukubuye aguqule izinto afake uFabinho, Naby Keita, Shaqiri noma u-Oxlade-Chamberlain osanda kubuya ekulimaleni. 

Phambi kwabo banabadlali abaseqopheleni eliphezulu abanqobe iChampions League okungu-Mane, Salah noFirmino. Ebhentshini banomgadli osejwale ukungena avalele igoli esuka ebhentshini, u-Origi. 

I-Tottenham iphethe abadlali ababili abangalibheki ipali okunguKane, Son noLucas Moura. Baqinile emuva kanti nasesiswini baphethe abadlali abaqinile okubalwa kubo no-Eriksen okhonjwa kwiMadrid. 

UMarcus Rashford no-Anthony Martial okuzodingeka bakhuphule izinga labo lokudlala kule sizini ukuze bathole amagoli alindelekile kubo njengabagadli. Isithombe: Nick Potts/PA via AP

Uma uqhathanisa abadlali bamaqembu i-United ezobangisana nawo i-Top 4, uyabona ukuthi abekho laba badlali ebaphethe futhi yingakho izodlala kwi-Europa, hhayi kwi-Uefa Champions League. Iqukethe abadlali abafanelwe yi-Europa nokulwela iFA Cup. Uma ukhipha uPaul Pogba, Lindelof noDavid De Gea (owehlelwe yifomu) mhlawumbe noLuke Shaw, uyabona ukuthi ayikho lento ye-United. Ngaphandle nje kwamagoli, uMartial kunombolo 9 akakwazi ngisho ukubamba ibhola adlalisane nabanye abadlali abahlaselayo, nabasesiswini. URashford unenkinga efanayo. Asingayiphathi nokuyiphatha ekaLingard. 

Cishe wonke amaqembu asezodlala njengeCrystal Palace uma ebhekene ne-United ngoba aseyazi ayikwazi ukugqobhoza udonga ngamaphasi anobuchule asheshayo, ikwazi ukuhlasela ngesivinini kuphela (counter attack), nokwenza uzibuze ukuthi kungani leli qembu elikhulu kangaka liqeqeshwa umqeqeshi ongenabhola, ofuna ukusebenzisa abadlali abangekho ezingeni ngenkani. Bekumele aludayise lonke lolu vucu.

- Ungaxhumana nombhali [email protected]