XOLILE MPISANE
UKUNQOBA imidlalo emithathu ilandelana kwiligi yase-Egypt kumnika ithemba umqeqeshi we-Al Ahly njengoba sebebheke umdlalo wamanqamu we-Caf Champions League abazowudlala neKaizer Chiefs ngempelasonto.
La maqembu azogadulisana e-Mohammed V Stadium, eMorocco, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
NgeSonto i-Al Ahly ibuye isihamba ngemuva yahlula i-Misr Lel Makkasa ngo 4-1 ekuhambeni, uMohamed Sherif wavalela amagoli amabili. Ngaphambi kwalokho ibibhaxabule i-Smouha ngo 4-0, yadla i-Al Mokawloon ngo 2-0.
"Besinamathuba amaningi kulo mdlalo. Noma singadlalanga isitayela sethu ngokuphelele, ngigculisekile ngendlela esihlasele ngayo," kusho uMosimane kwi-website ye-Al Ahly.
"UMohamed Sherif udlale kahle kakhulu, kungijabulisile nokubuya kuka-Mohamed Hany. Siyazama ukuthi sibanike bonke abadlali ithuba lokudlala kodwa sikwazi ukusebenzisa unozinti oyedwa nabaphakathi abangu-10 kuphela enkundleni.
"Bekumqoka ukuthi sinqobe ngaphambi kokuthi amabombo siwabhekise eMorocco lapho sizodlala khona owamanqamu we-Caf Champions League. Inhloso ukuthi sivikele isicoco sethu."
Iphini likaMosimane uSami Komsan nalo lichazekile ngendlela abadlali abalwe ngayo futhi lilindele ukuthi aqhubeke kahle amalungiselelo omdlalo wabo naMakhosi.
“Sikhande inqwaba yamathuba kulo mdlalo esiwudlale neMakkasa futhi ngiyamjabulela uSherif ngokushaya amagoli amabili ngekhanda. Into ebalulekile ebholeni ukubhekisisa izinto ezincane. Ilokho esikwenzayo futhi kuyalisiza iqembu ukuthi lidlale kangcono," kusho uKomsan.
“Sishaye into ecokeme kule midlalo edlule kwiligi kodwa sekuyisikhathi sokuqinisa amalungiselelo omdlalo wamanqamu we-Caf Champions League.
"Silindele umdlalo onzima kakhulu. Sizobhekana neqembu eliyingozi kwiKaizer Chiefs. Badlale kahle baze bafika kowamanqamu futhi banabadlali abaningi abayingozi."
La maqembu azobe ebhekene okokuqala emva kweminyaka engu-19. Agcina ukududulana kwi-Caf Super Cup ngo-2002, kwanqoba i-Al Ahly ngo 4-1.