UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns uthi akumele bazithambise emidlalweni yeCAF Champions League Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ohlalelwe wukuhlelela imidlalo emibili emqoka, uthi ngeke alihlomekele iqembu laseSeychelles iCote d’ Or abazodlala nalo koweCAF Champions League.

Umdlalo womlenze wokuqala wesigaba sokuhlungela amaqoqo usekuhambeni ngoMgqibelo. Uzobe usulandelwa owomlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN 8 neSuperSport United ngoSepthemba 18 eLucas Moripe Stadium.

Umlenze wokuqala weMTN 8 waphela ngo 1-1 kuwudlalo wasekuhambeni kwezikaMosimane.

Phambilini uMosimane uchaze ukubhekana neqembu laseSeychelles njengenselelo engcono kunaleyo abadlule kuyona bedlala neqembu laseCongo i-AS Ohono emzuliswaneni odlule wokuhlunga.

Kodwa kamuva uma ebuzwa ngokubophela iqembu elingaqinile kwiCote d’ Or uphendule ngokuthi ngabe wenza iphutha.

“Yebo ephepheni babukeka belula kodwa ke iChampions League le. Sike sadlala neqembu laseSeychelles phambilini safike sadlala ngokulingana ekuhambeni sithwele kanzima kwasiza uKhama eshaya igoli lokulinganisa ekugcineni,” kusho uMosimane.

Mayelana nokubophela abadlali “abangaqinile” kulo mdlalo, uthe: “Asinaso isikwati esikhulu. Ngiyaqonda ukuthi nikhuluma ngani kodwa ke thina eqenjini asinabo abadlali bokuchibiyela. Ngeke ngithi ngizobophela abadlali abangajwayele ukudlala. Ngizohlela kahle ukuthi sizomisa kanjani ngoba kumele sizame nokuqikelela ukuthi abadlali abalimali ngaphambi komdlalo weSuperSport. Sizobheka ukuthi yibaphi abadlali esingakwazi ukubabophela.”

Lo mqeqeshi uthe bajabule ngabadlali ababatholile emakethe njengoba iwindi selivaliwe. ISundowns imemezele uMauricio Affonso noSammy Seabi. UMosimane uthe uzimisele ngokunika ithuba lokudlala uTokelo Rantie obejima nabo. Uselinde abaphathi ngesinqumo sokumsayinisa.

Ubekhuluma ngempelasonto lapho abaqeqeshi bePremier Soccer League bebe nesithangami nabezindaba bekhuza isihlava sokuhlaselwa kwabokufika.

Uthe okwenzeka ezweni kuyabakhathaza kwazise banabadlali abaqhamuka kwamanye amazwe.

“Asikwazi ukuyithatha kalula lento. Kumele sibabuze (abadlali) ukuthi bona bazizwa kanjani. Kusemqoka ukuthi amaqembu ethu akhulume ngalezi zinto, ukuhlaselwa kwabokufika nabesifazane. Kumele sibe nezinhlelo ezithinta inhlalakahle yomphakathi. Okwamanje asinazo lezo zinhlelo kodwa yonke into inesiqalo,” kusho uMosimane.