UKUQHUBEKA nokwenza kahle kweqembu emidlalweni yeDStv Premiership, uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi, abeyibambe engukaputeni weLamontville Golden Arrows, ukubona kumsondeza eduze namaphupho akhe, okudlalela iBafana Bafana.
USibisi (25), uqale ukubamba ibhande likakaputeni kwi-Arrows ngoFebhuwari 2 bedla i-Orlando Pirates ngo 2-0 eSugar Ray Xulu Stadium emdlalweni weligi.
Uphinde wahola ezikaMandla Ncikazi zinquma iStellenbosch FC ngo 3-1 kwathi AmaZulu FC abakhipha emaphenathini kowomkhaya baseThekwini kowe-last 32 yeNedbank Cup.
“Ibhande bengisalibambile ngoba ethintekile ukaputeni, uTrevor Mathiane. Nami kungimangazile ukuthi umqeqeshi alinike mina bebe bekhona abadlali abanamava ukwedlula mina, njengoGladwin Shitolo nabanye. Kuthe uma umqeqeshi ethi ubona ngingawenza lo msebenzi, nami ngathi ngingahlulwa yini. Kuyangijabulisa ukuthi sibambisane kahle nozakwethu,” kusho uSibisi.
“Ukuthola isikimu kudlalwa nePirates yinto enkulu, kangisaphathi-ke eyokuqala ngayo ukuhola iqembu. Akusiyo into engiyithatha kancane kodwa yindlela esenza ngayo siyiqembu emqoka. Ngiyibona ingisondeza ephusheni lami elikhulu, lokumele iBafana Bafana.”
Lesi sitobha saseMpophomeni sikhule kuyo i-Arrows kangangoba besikhona zombili izikhawu inqoba iMultiChoice Diski Challenge neDiski Shield.
Ukunqoba lezi zicoco ne-Arrows kumsondeze kwelinye iphupho lakhe ngonobhutshuzwayo, okuwukuwelela phesheya kwezilwandle.
“Sonke siphupha ngokuyobhukuda nezingwenya e-Europe. Eyokuhola i-Arrows bengingayizelele, bengingeke ngiqagele ukuthi lokho kungafika kuqala kunokudlala kwiBafana,” kusho uSibisi.
Ukudlondlobala komdlali onjengoSibisi kungahamba ibanga elide ekuvaleni isikhala esivuleke ngokudlula emhlabeni kwesiqongqwane esinguNkanyiso Mgwengwe, ogule kancane washona nyakenye.
Naye uMgwengwe ubengumholi weqembu.
“Silimale kakhulu ngokuhamba kukaSgora (isiteketiso sikaMgwengwe). Mina nje kule ndawo engiyidlalayo, ungomunye wabadlali engikhule ngibukela kubo naye uMathiane. Ngeke sivaleke isikhala sakhe kodwa impilo kumele iqhubeke,” kusho uSibisi.
Lo mdlali owenze iziqu zePublic Management eMangosuthu University of Technology, uthi yize benza kahle kule sizini, okungeyokuqala beholwa nguNcikazi, kodwa akukho angakubalula njengekhubalo labo.
“Akukho okuhlukile engingathi siyakwenza kule sizini ngoba singelinye lamaqembu anabadlali abasebancane abaningi. Mhlawumbe okuhle wukuthi iningi lethu selidlale ndawonye isikhathi eside lisuka nakwiMDC nakhona besenza kahle futhi. Luselude nokho ukhalo,” kusho uSibisi.
I-Arrows esahlulwe wumdlalo owodwa kule sizini, ibuyela enkundleni neBlack Leopards eSugar Ray Xulu, eClermont ngoLwesibili ntambama.