UPITSO Mosimane, ongumqeqeshi we-Al Ahly yase-Egypt, uyaziqhathulula ezinkulumeni zokuthi ufuna ukutheza kwiMamelodi Sundowns ayishiye ngo-Okthoba.
UMosimane ubekhuluma nenhlangano yezintatheli iSouth African Football Journalists Association (Safja) izolo ekuseni. Ngempelasonto edlule kube nenhlokomo enqoba isicoco seCaf Champions League ne-Al Ahly. Kule mpelasonto uzodlala kowamanqamu we-Egyptian Cup. Kusukela eshiye kwiSundowns, uMosimane kusabalale izinkulumo zokuthi ufuna ukulanda izibabuli zeSundowns uGaston Sirino noThemba Zwane. Omunye okukhulunywe ngaye nguSamir Nurkovic weKaizer Chiefs. Kuvele ukuthi i-Al Ahly isisifake ngokusemthethweni isicelo sokuthenga uSirino wase-Uruguay olandwe nguMosiname edlala eBolivia ngo-2018.
“I-Al Ahly kade ivele ibuza ngoSirino ngisekwiMamelodi Sundowns. Yiqiniso lelo. Kuyinto engekho ukuthi yimina ofuna uSirino kwi-Al Ahly. Ngoba yimina umqeqeshi kuzohlala kumataniswa nami. Angidiniwe ngokuthi kubukeka sengathi yimina. Bekuvele kukhona. Ngesikhathi ngisekwiSundowns, yimina engathi kuSirino ungahambi, hlala lapha. Asiwine iChampions League yesibili. Ngaphambi kokuthi ngifike lapha igama likaSirino beliphezulu. Basamfuna, bayamazi ngoba udlalile nabo,” kusho uMosimane.
“Yingakho ngakugwema ukuphawula ngakho ngesikhathi ngiseseMzansi. Ngiyaqala ukukhuluma ngakho. Bengingafuni umlando engiwushiyile uhluke. Kodwa futhi ngiyaliqonda ibhola lamazwe. Yebo, i-Al Ahly iyamthanda uSirino futhi isikhulumile neMamelodi Sundowns ngokusemthethweni. Ngeke ngidalule okuningi ngoba kuningi osekwenzekile. Umengameli weSundowns (Patrice Motsepe) ubekade elapha ezobuka iChampions League. UDanny Jordan ungithumelele umyalezo engazisa ukuthi ukhona (uMotsepe). Uthumele nomyalezo wokungibongela. Ngeke ungitshele ukuthi akuzange kukhulunywe ngoSirino kulelo zinga. Ngiyazi ngoba ngatshelwa.”
Ngesonto eledlule uSirino ukhulume nabezindaba ethi ufuna ukushiya kwiSindowns, ajoyine i-Al Ahly. Kuvele ukuthi osekubambile yimali efunwa yiSundowns ngoSirino. Kuthiwa ifuna uR92 million. Izingxoxo ziqale kuR18 million, zanyukelwa kuR46 million kodwa iSundowns kuvela ukuthi imile kuR92 million. Ngaphambi kokuqala kwale sizini uSirino uvuselele inkontileka ngeminyaka emihlanu.
“USirino uyafuna ukuza kwi-Al Ahly. Akukholakali ngoba ngelinye ilanga uthe kimina ngingumuntu wokuqala ahlangana naye eSouth America wathi kuye, woza eNingizimu Afrika, wenze kahle, mhlampe udlulele e-Europe. Ubeneminyaka engu-25 noma engu-26 ngaleso sikhathi. Wathi ‘wangiletha lapha, manje usungishiyile’. Ngathi kuyena ngizokwenzenjani ngoba nami ngifuna ukuqeqesha iqembu elikhulu e-Afrika. Kufana nokuthi ufunwe yiBarcelona noma iReal Madrid e-Europe. Uyahamba,” kusho uMosimane.
“USirino ufuna ukudlalela i-Al Ahly. ISundowns iyazi. Akuyena uPitso. Izindaba zokuthi ngifuna uThemba Zwane... Cha, akunjalo.
“EMzansi amanye amaqembu alanda abadlali ezinkulisa zawo, iSundowns ithatha kuwona. Abadlali badinga ukuthola amathuba. USirino uneminyaka engu-30, mhlampe yithuba lakhe lokugcina.”