Ezemidlalo Ibhola

UPetersen uphawula ngekhempu yeChiefs eNetherlands

Zakhele Xaba|Published

UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uqhakambisa ukubaluleka kobumbano ngokushesha phakathi kwabadlali abadala nabafikayo kuleli qembu njengoba lisekhempini eNetherlands.

IChiefs ifulathele iNingizimu Afrika ngesonto eledlule yayozicijela ukuqala kwesizini ka-2025/2026 phesheya kwezilwandle. Kulolu hambo izodlala imidlalo yobungani namaqembu ahlukene ngaphambi kokubuya eMzansi ngoJulayi 13. NgoLwesibili izogadulisaa neSBV Vitesse Arnhem ngo-7 kusihlwa.

Amakhosi ashaya ngabadlali abayisithupha abasha okubalwa kubona uSiphesihle Ndlovu obedlalela iSuperSport United, Paseka Mako noThabiso Monyane abachithwe yi-Orlando Pirates. Abanye ngu-Ethan Chislett, Nkanyiso Shinga noFlavio Silva wasePortugal. 

"Ukuzicijela isizini yilapho sakha khona isisekelo. Siyajuluka manje sibhekane nobunzima ukuze siqhakaze ngokuhamba kwesikhathi. Okwamanje simatasa sifaka amandla, siyazikhandla ukuze sakhe isisekelo sesizini,"kusho uPetersen.

Abalandeli baMakhosi bazobona abadlali abasha okokuqala uma iqembu labo selibhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 28. Njengoba engeke ayidlale iMTN8, azoqala isizini ka-2025/2026 ngemidlalo yeligi ngempelasonto yokuqala ka-Agasti.

"Sinesizini enkulu phambi kwethu, sizodlala nakwiCaf (Confederation Cup). Ngakho kubalulekile esikwenzayo siyiqembu okwamanje, hhayi ngokwemizimba nje kuphela kodwa ngokweqembu, ubunye nobumbano njengoba kukhona abadlali abasha abafikile. Okubaluleke kakhulu wukubamukela, sibumbane ngokushesha, sibe moya munye ukuze uma sekuqala iligi sibe sesiyimbumba,"kusho uPetersen.