SEKUSELE kuhulumeni ukuthi avulele ukudlalwa kwemidlalo yamazwe ukuze umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, akhululeke ezinhlelweni zakhe, amemezele isikwati sabadlali abangu-35 abazodlala kweyokungcweka nomakhelwane beCosafa, iZambia neNamibia.
Ngo-Okthoba 6 kuzoba nekhefu lokuqala leFifa kusuka ngoMashi okumiswe ngawo ezemidlalo kubheduka iCoronavirus.
ISouth African Football Association (Safa) isihlele ukuthi iBafana ingcweke neZambia eRustenburg ngo-Okthoba 7 neNamibia eWindhoek ngomhlaka-15.
Lokho kusho ukuthi ngesonto elizayo kumele iBafana ihlangane ekhempini kodwa lokho kulele ekutheni uhulumeni avule imingcele ngemidlalo yamazwe.
“Ngenhlanhla enkulu imidlalo yegunqu (bio-buble), ize yaphela kungekho kulimala okumincisayo kubadlali. Lokho kusinike ithuba elingcono lokuhlonza kahle babe bahlanu indawo ngayinye kwezingu-11 enkundleni.
“Lokho kusho ukuthi njengamanje sinohla lwabadlali abangu-55 kodwa sizodinga abangu-35 kule midlalo ezayo yobungani. Ngethemba lokuthi bazokwazi ukudlulela kweyokuhlunga neSao Tome (kuhlungelwa i-2022 Africa Cup of Nations),” kusho uNtseki.
“Kodwa silinde uhulumeni ukuthi avulele imidlalo yamazwe ukuze sibamemezele laba abangu 35, ngaphambi kokuthi sibabizele ekhempini. Mhlawumbe ekuqaleni kwesonto elizayo kuzovulwa sibethule.”
Empeleni ukuvalwa kwezwe ngoMashi kuhlakaze izinhlelo zikaNtseki nesikwati abesesibizele ukudlala neSao Tome imilenze emibili.
Emuva kwalokho kudlule izinyanga ezine abadlali bengalithiniti ibhola kwaze kwaba bangena egunqwini ngo-Agasti.
UNtseki usadlalise umdlalo owodwa kusukela eqashwe njengenhloko kwesokucija iBafana.
Behlulwe yiGhana ngo 2-0 emdlalweni wokuqala kweyokuhlungela i-Afcon.
Kuleli sonto iSafa yethule ithimba losomaqhinga elihlanganisa izinkakha nabaqeqeshi bonke bezinhlaka zeSafa, okuhlanganisa nezabesifazane.
Umsebenzi waleli thimba wokuqala wukulekelela uNtseki aqoke ozovala isikhala sika-Arthur Zwane, okhushulelwe kwesephini likaGavin Hunt kwiKazier Chiefs.