UCACISA ngokubiza unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune esikwatini seBafana Bafana umqeqeshi weqembu lesizwe, uMolefi Ntseki.
UKhune, ezingamhambeli kahle izinto kwiChiefs kulezi nsuku, nguye yedwa umdlali waMakhosi esikwatini sabadlali abangu-26 esethulwe nguNtseki eSafa House, eSoweto ngoLwesine emini.
Lesi sikwati sizobhekana neGhana ngoMashi 25 eFNB Stadium neSudan ekuhambeni ngoMashi 28 ukusonga eyokuhlungela i-2022 Caf Africa Cup of Nations (Afcon).
UKhune, olandela u-Aaron Mokoena ngamava emidlalo eminingi emlandweni weBafana, uvuza amagoli udede kwiChiefs kulezi nsuku nokwenza uwonkewonke ungamuzwa kahle.
UNtseki nokho ubeke ezakhe izizathu ngokumbiza.
“Okuka-Itumeleng Khune ngeke ngikufihle ukuthi yingenxa yamava akhe ekudaleni kwelesizwe, kuleli zinga. Emidlalweni efana nalena ayadingeka amava. Ngesikhathi sibheka onozinti, omunye ebesimbeke iso ngu-Oscarine Masuluke weBaroka FC ngoba wenza kahle kakhulu kulezi nsuku ebhekene namaqembu amakhulu,” kusho uNtseki.
“Nokho sibukile ukuthi ngokwamava sizowadinga amagalelo kaKhune. Yebo wenze amaphutha evuzisa amagoli emidlalweni yakamuva kodwa ngixoxile nabaqeqeshi beChiefs baveza ukuthi bake bakhuluma naye ngesimo sakhe.
“Nami ngikhulumile naye savulelana izifuba. Ngameluleka ukuthi zizoba khona iziwombe njengoba ekhula eba mdala. Isithombe engisithole ngokuzinikela kwakhe ejimini kodwa sibe nomthelela ekutheni simsondeze ngoba kusho ukuthi akazivumeli izimo angitshele zona abhekene nazo njengendoda njengamanje.”
UKhune usanda kuphoxa kweyeCaf Champions League ededela amagoli amane benqunywa yiWydad Casablanca ngo 4-0 eBurkina Faso.